BEKUGQAME usizi kubantu abebehambele umngcwabo kaNkz Nontobeko Cele (24) izolo ngoMsombuluko, ehholo lomphakathi iMkakwa, eMandawe, eMzinto.
UNkz Cele ugwazwe wabulawa ngeledlule nguSibusiso Ntaka, abeyingoduso yakhe, maqede wanameka kuFacebook i-video echaza ngezizathu zesenzo sakhe, ngaphambi kokukuzilengisa.
Inkonzo yomgcwabo kaNontobeko beyihanjelwe yizikhulu zikahulumeni wesifundazwe okubalwa kuzo uNdunankulu uMnu Thami Ntuli, noNgqongqoshe wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko, uMnu Mntomuhle Khawula. Bekukhona nosaziwayo okubalwa kubona loyo owayengungqongqoshe wamaphoyisa kuzwelonke uMnu Bheki Cele noNgizwe Mchunu.
Iningi lezikhulumi ebezifakaza ngomufi nezethameli zalo mgcwabo bezehluleka ukubamba izinyembezi ngesikhathi kuqhubeka inkonzo. Umalume kamufi, ekhuluma neziko lezindaba iNewzroom Afrika ngemuva komgcwabo, uthe bewumndeni bafisa ngabe uSibusiso akazibulalanga ukuze ebezobubona ubuhlungu abazwise bona ngokubulala ilungu labo.
Umfowabo kamufi uMnu Buhle Nyawose utshele izithameli zomgcwabo ukuthi usuku okufihlwe ngalo udadewabo usuku obekumele bavakashe ngalo kubo (kayise) ngemuva kwesikhathi eside bagcina. Inkulumo kaNyawose beyilokhu inqamuka njengoba ebehluleka ukubamba izinyembezi.
UNkz Nonjabulo Mbele uthe namanje kusenzima ukuthi akholwe ukuthi umgani wakhe uNontobeko akasekho. Uveze ukuthi unethemba lokuthi ngokuhamba kwesikhathi uzokwazi ukudlulisa nokwemukela isimo.