Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 Liyadlondlobala iciko laseMzansi elizinze phesheya

Liyadlondlobala iciko laseMzansi elizinze phesheya

by | 10 April 2025

ICIKO lakuleli eselizinze phesheya kwezilwandle, eLondon, lithembisa ukuyiletha maduze kuma-Film Festival akuleli, ifilimu yalo emfushane, iBlind The Sacrifice.

UNakhane ongumculi, umlingisi nombhali, ifilimu yakhe kumanje ingenye engenile emibukisweni yamafilimu, iSundance Film Festival 2025, ekhonjiswa phesheya kwezilwandle.

Uthe kuhlale kuyintokozo kuyena ukuba sekhaya eNingizimu Afrika, nangendlela abantu abamtshengisa ngayo uthando.

UNakhane obelingisa emdlalweni Inxeba (The Wound), ukhiphe i-single entsha, ethi, ‘Killer 25’, esiqalile ukuzwakala ezindaweni ezahlukene.

Ingoma yakhe uyichaze ngokuthi iwuhlobo lwe-electronic music.

Uthi kumthathe iminyaka ewu-6, ukudedela le single, esuselwe engomeni endala yomculi waphesheya, uSeal ne-Adamski.

Uthe okwenza kumthathe isikhathi eside ukudedela umculo awukhiqizayo, wukuthi wenza isiqiniseko sokuthi noma esebenzisa ingoma yomunye, kodwa ufuna ibe nesandla sakhe, futhi agculiseke ngomsebenzi awenzile kuyona.

Likhuluma emithonjeni eyehlukene yezindaba leli ciko, lithe belinama-version awu-36 ale ngoma, kodwa belifuna ukusebenzisa ubuciko obukhuluma nalo

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...