Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 Liyadlondlobala iciko laseMzansi elizinze phesheya

Liyadlondlobala iciko laseMzansi elizinze phesheya

by | 10 April 2025

ICIKO lakuleli eselizinze phesheya kwezilwandle, eLondon, lithembisa ukuyiletha maduze kuma-Film Festival akuleli, ifilimu yalo emfushane, iBlind The Sacrifice.

UNakhane ongumculi, umlingisi nombhali, ifilimu yakhe kumanje ingenye engenile emibukisweni yamafilimu, iSundance Film Festival 2025, ekhonjiswa phesheya kwezilwandle.

Uthe kuhlale kuyintokozo kuyena ukuba sekhaya eNingizimu Afrika, nangendlela abantu abamtshengisa ngayo uthando.

UNakhane obelingisa emdlalweni Inxeba (The Wound), ukhiphe i-single entsha, ethi, ‘Killer 25’, esiqalile ukuzwakala ezindaweni ezahlukene.

Ingoma yakhe uyichaze ngokuthi iwuhlobo lwe-electronic music.

Uthi kumthathe iminyaka ewu-6, ukudedela le single, esuselwe engomeni endala yomculi waphesheya, uSeal ne-Adamski.

Uthe okwenza kumthathe isikhathi eside ukudedela umculo awukhiqizayo, wukuthi wenza isiqiniseko sokuthi noma esebenzisa ingoma yomunye, kodwa ufuna ibe nesandla sakhe, futhi agculiseke ngomsebenzi awenzile kuyona.

Likhuluma emithonjeni eyehlukene yezindaba leli ciko, lithe belinama-version awu-36 ale ngoma, kodwa belifuna ukusebenzisa ubuciko obukhuluma nalo

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...