Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 Lukhuza ibuya uhlelo i-Married at First Sight Mzansi

Lukhuza ibuya uhlelo i-Married at First Sight Mzansi

by | 19 June 2026

LUKHUZA ibuya uhlelo iMarried at First Sight Mzansi oluzakhele ugazi kubabukeli bamabonakude. Lolu hlelo luzoqala ukudlala kuMzansi Magic (channel 161), mhla ka 5 July ngeSonto ngelesi 17h30 ntambama kuzosakazwa isiqephu esiyisipesheli, bese kuthi iziqephu ezilandelayo zidlalwe ngelesi- 18:00 ntambama.


Umeluleki wezobudlelwano uThabanga Mashigo, umqeqeshi wezothando uPastor Xolani Hitlana, oweluleka ngezasekamelweni uDkt Mpume Zenda nomeluleki wezemishado nezomndeni uBakhe Dlamini, okhuza ibuya ngemuva kokuba kulolu hlelo nge-season yokuqala.


Kulolu hlelo ‘izithandani’ zihlangana okokuqala ngqa ngosuku lomshado. Kusuke kungabantu abangakaze babonane ngaphambilini kepha bekulolu hlelo ngenhloso yokuthola uthando.Basuke bezoqondaniswa ngabeluleki ngabeluleki bezothando ukuthi umuntu ngamunye ufanelana namuphi.

UThabang Mashigo echaza ukuthi yini eyehlukile ku-season 3 engalindelwa ababukeli uthe:”Abanye bafika bengenalo ulwazi lokuthi imuva linomthelela kangakani endleleni abayiyo, abanye bafika befuna uthando kepha bengazange balusebenzele. Ukuzihlaziya ingaphakathi kokunye ukungazihlaziyi nhlobo eyenze lolu hlelo lube ngundabamlonyeni,” esho. Uthi naku season 3 akukho okutheni okuzokwehluka.

Ezisematheni

Ugwetshwe udilikajele owabulala uyise ngomshiza

Ugwetshwe udilikajele owabulala uyise ngomshiza

UGWETSHWE ulikajele owesilisa owabulala uyise ngokumshaya ngomshiza, kulandela ingxabano. INkantolo yesiFunda eHlanganani igwebe uSihle Emmanuel Khambule (37) ngemuva kokulahlwa yicala lokubulala uyise uMzingelwa Khambule (66). Isigameko senzeke eBulwer, KwaZulu-Natal...

Kuqinisekiswa nokushona kwegidangoma leNkosi Yamagcokama

Kuqinisekiswa nokushona kwegidangoma leNkosi Yamagcokama

KUQINISEKISWE nokudlula emhlabeni kwegidangoma engozini yemoto ebulale umculi kamaskandi ebusuku uScebi Dlamini obedume ngeNkosi Yamagcokama. UMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal uthi iNkosi Yamagcokama ishonele endaweni yesigameko kule ngozi eyenzeke erobhothini...

Bafuna kuchithwe icala losolwa ngokubulala u-Ayabonga Mjilo

Bafuna kuchithwe icala losolwa ngokubulala u-Ayabonga Mjilo

NGUMNU Mfanafuthi Kunene esebhokisini. UMMELI wowesilisa obhekene necala lokubulala u-Ayabonga Mjilo, isidumbu sakhe esatholwa sifakwe estamkokweni, ufake isicelo sokuba lichithwe icala ngoba ethi kabukho ubufakazi obukhomba ukuthi ikilayenti lakhe linecala. Lokhu...