Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 ‘Lithathelwa izinyathelo’ iphoyisa elisolwa ngokugwazisa ngo-R2000

‘Lithathelwa izinyathelo’ iphoyisa elisolwa ngokugwazisa ngo-R2000

by | 6 June 2026

AMAPHOYISA aseGauteng aseqale uphenyo lwangaphakathi mayelana nesigameko esivela kwiVideo esabalele ezinkundleni zokuxhumana, lapho owesilisa omhlophe esola amaphoyisa ngokugwazisa.

Kule video, eveza lapho amaphoyisa abenze khona isivimbamgqawo, kubonakala elesifazane libuyisela kulo wesilisa “imali” okuthiwa iwu-R2000, okusolwa ukuthi yintshontsho elithathwe yileli phoyisa esisebenzini sakhe. Uze athi malixolise iphoyisa, bese elibuza ukuthi belikwenzelani lokhu.

Ubuholi bamaphoyisa kulesi sindazwe buthi selihlonziwe iphoyisa elisolwayo futhi seluqaliwe uhlelo lokuliqondisa ubugwegwe. UMkhuzi wamaPhoyisa eGauteng, uLt-Gen Tommy Mthombeni usigxekile lesi senzo saleli phoyisa.

“Umbutho wamaphoyisa kawuhambisani nenkohlakalo. Amalungu ethu axhaphaza amandla anikwe wona, abulala isithunzi nokwethenjwa kombutho wumphakathi, ngakho kumele ajeze ngokufanele. Sizoqinisekisa ukuthi lesi sigameko siyaphenyisiswa, kuthathwe nezinyathelo zomthetho,” esho.

Uthe amaphoyisa afuna, amukele, noma aba neqhaza ekugwaziseni enza okuphambene nenqubo-mgomo yokusebenza kwamalungu ombutho, futhi kumele ashushiswe. Unxuse namalungu omphakathi ukubika ngezigameko ezifuze lesi enombolweni yokubika inkohlakalo ethi: 0800 701 701.

Ezisematheni

I-MKP ifuna incazelo ngokunqatshelwa ukulungisa uhlu lwayo yi-IEC

I-MKP ifuna incazelo ngokunqatshelwa ukulungisa uhlu lwayo yi-IEC

UMKHONTO weSizwe Party (MKP) ukhala ngesinqumo sekhomishana yokhetho i-IEC sokuchitha leli qembu ukuthi lilungise kabusha uhlu lwamakhansela abhaliselwe ukungenela ukhetho loHulumeni baseKhaya oluzokuba  ngomhlaka 4 kuLwezi (November). Esitatimendeni iMKP ithi...

Usefake incwadi yokwesula emaphoyiseni uNkosi

Usefake incwadi yokwesula emaphoyiseni uNkosi

USESULILE emaphoyiseni uSergeant Fannie Nkosi olokhu agcinwa esitokisini kusuka ngoNdasa (March) nonyaka ngamacala ehlukene. Okhulumela amaPhoyisa kuzwelonke uBrigadier Athlenda Mathe ukuqinisekisile ukwesula kukaNkosi kodwa wathi asikho isinqumo esesithathiwe...

ITransnet nezinhlelo zokusondela emphakathini

ITransnet nezinhlelo zokusondela emphakathini

INKAMPANI kahulumeni ephethe amachweba nezitimela eNingizimu Afrika  iTransnet  idalule ukuthi noma iyisizinda somnotho kuleli kodwa ibingakaze izinike isikhathi sokuthi iqinisekise ukuthi ekwenzayo kufinyelela ngendlela kubantu. Lokhu kuvele ngesikhathi...