
AMAPHOYISA aseGauteng aseqale uphenyo lwangaphakathi mayelana nesigameko esivela kwiVideo esabalele ezinkundleni zokuxhumana, lapho owesilisa omhlophe esola amaphoyisa ngokugwazisa.
Kule video, eveza lapho amaphoyisa abenze khona isivimbamgqawo, kubonakala elesifazane libuyisela kulo wesilisa “imali” okuthiwa iwu-R2000, okusolwa ukuthi yintshontsho elithathwe yileli phoyisa esisebenzini sakhe. Uze athi malixolise iphoyisa, bese elibuza ukuthi belikwenzelani lokhu.
Ubuholi bamaphoyisa kulesi sindazwe buthi selihlonziwe iphoyisa elisolwayo futhi seluqaliwe uhlelo lokuliqondisa ubugwegwe. UMkhuzi wamaPhoyisa eGauteng, uLt-Gen Tommy Mthombeni usigxekile lesi senzo saleli phoyisa.
“Umbutho wamaphoyisa kawuhambisani nenkohlakalo. Amalungu ethu axhaphaza amandla anikwe wona, abulala isithunzi nokwethenjwa kombutho wumphakathi, ngakho kumele ajeze ngokufanele. Sizoqinisekisa ukuthi lesi sigameko siyaphenyisiswa, kuthathwe nezinyathelo zomthetho,” esho.
Uthe amaphoyisa afuna, amukele, noma aba neqhaza ekugwaziseni enza okuphambene nenqubo-mgomo yokusebenza kwamalungu ombutho, futhi kumele ashushiswe. Unxuse namalungu omphakathi ukubika ngezigameko ezifuze lesi enombolweni yokubika inkohlakalo ethi: 0800 701 701.







