Ilanga News
Home 9 Featured 9 Ugwetshwe udilikajele owabulala uyise ngomshiza

Ugwetshwe udilikajele owabulala uyise ngomshiza

by | 9 August 2026

UGWETSHWE ulikajele owesilisa owabulala uyise ngokumshaya ngomshiza, kulandela ingxabano. INkantolo yesiFunda eHlanganani igwebe uSihle Emmanuel Khambule (37) ngemuva kokulahlwa yicala lokubulala uyise uMzingelwa Khambule (66).

Isigameko senzeke eBulwer, KwaZulu-Natal ngoMbasa walo nyaka. Ngokobufakazi obethulwe enkantolo, kuthiwa ngomhla ka-18 April 2026, umufi wayekwakhe nomkakhe, bebuya emcimbini wesintu kwamakhelwane.

Kuthiwa umufi watshe umkakhe ukuthi usexabane nendodana yakhe emcimbini. Kwahamba usuku yabuya indodana emcimbini, umufi waba wukuyibona wazama ukuvala isicabha, ukuze ingangeni endlini.

Kubikwa ukuthi umufi wehluleka wukuvala, yangena indodana. Umufi waphuthuma kwelinye igumbi walanda umshiza wabuya nawo wazama ukugadla endodaneni, kodwa wageja, wawa. Indodana yathatha umshiza yamhlasela kabi, walimala kakhulu.

Umufi waphuthunyiswa emtholampilo wendawo, okulapho owafika washonela khona. Udaba lwabikwa emaphoyiseni kwaboshwa ummangalewa, oyindodana kamufi.

Ngesikhathi kuqulwa icala, uMshushisi uSiphosenkosi Dlamini ubize inkosikazi kamufi ewabona isigameko, ukuzofakaza. UMshushisi ewisa isigwebo, uthe leli yicalala elibucayi, wathi kawekho amaphuzu asemqoka angaphoqa ukuthi ummangalelwa athanjiselwe isigwebo.

Umbiko kasonhlalakahle uveze ukuthi umndeni kamufi usuyamesaba ummangalelwa ngemuva kwesigameko asenzile. Kuvele ukuthi isihluku abulala ngaso uyise yisona esimenze wasabeka kakhulu, ngeke bekhululeke uma ekhona.

Ngaphezu kwesigwebo, inkantolo ithe lo mlisa akafanelwe wukuba nemvume yokuphatha isibhamu.

Esitatimendeni i-NPA isincomile isigwebo ngoba siveza ubucayi becala, futhi sikhomba ukuzinikela kwezinkantolo ukujezisa abagila imikhuba. Ithe udlame emndenini nasemphakathini ludala umonakalo futhi abantu bayanxuswa ukuthi bazame ezinye izindlela zokulungisa izinkinga.

Ezisematheni

Kuqinisekiswa nokushona kwegidangoma leNkosi Yamagcokama

Kuqinisekiswa nokushona kwegidangoma leNkosi Yamagcokama

KUQINISEKISWE nokudlula emhlabeni kwegidangoma engozini yemoto ebulale umculi kamaskandi ebusuku uScebi Dlamini obedume ngeNkosi Yamagcokama. UMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal uthi iNkosi Yamagcokama ishonele endaweni yesigameko kule ngozi eyenzeke erobhothini...

Bafuna kuchithwe icala losolwa ngokubulala u-Ayabonga Mjilo

Bafuna kuchithwe icala losolwa ngokubulala u-Ayabonga Mjilo

NGUMNU Mfanafuthi Kunene esebhokisini. UMMELI wowesilisa obhekene necala lokubulala u-Ayabonga Mjilo, isidumbu sakhe esatholwa sifakwe estamkokweni, ufake isicelo sokuba lichithwe icala ngoba ethi kabukho ubufakazi obukhomba ukuthi ikilayenti lakhe linecala. Lokhu...

Isililo kudlula isilomo somculi kamaskandi

Isililo kudlula isilomo somculi kamaskandi

SIKHULU isililo endimeni kamaskandi ngokudlula emhlabeni kwesilomo somculi uScebi "Inkosi Yamagcokama" Dlamini waseMachunwini, eMsinga. Lo mculi ubesengozini yemoto ebusuku phakathi kwamabili Richards Bay eyonandisa kwiBasadi Maskandi Festival, khona eRichards Bay....