ZIYAQONGQA izinkinga kuNkz Nobuntu Mkhize owabonakala kwi-video esusa exabana nezisebenzi zasebhanoyini iFlysafair.
Lokhu kulandela ukuthi ikhomishana yamalungelo abantu iSouth African Human Rights Commission isiveze ukuthi lolu daba ilifaka enkantolo yokulingana kwabantu.
Kuzokhumbuleka ukuthi uNkz Mkhize oyisisebenzi sakwa-SABC wabonakala kwi-video eyasabalala ezinkundleni zokuxhumana esho amagama akhombisa ukucwasa kwizisebenzi zaleli bhanoyi njengoba aze waqhakambisa nenhlangano yezepolitiki i-ANC.
I-ANC yaziqhelelanisa nalona wesifazane nalesi sigameko. Kusukela kwasabalala le video i-SABC yakhipha isitatimende iveza ukuthi izolandela imigudu yangaphakathi ukubhekana nalesi sisebenzi.
I-DA yamvulela icala.
USihlalo wale khomishana uMnu Chis Nissen uthe bazobheka ukuthi awekho yini amalungelo abantu athunazeka ngalesi sigameko