Ilanga News
Home 9 Featured 9 Ziyaqonga izinkinga kowasusa uthuthuva ebhanoyini

Ziyaqonga izinkinga kowasusa uthuthuva ebhanoyini

by | 4 January 2025

ZIYAQONGQA izinkinga kuNkz Nobuntu Mkhize owabonakala kwi-video esusa exabana nezisebenzi zasebhanoyini iFlysafair.

Lokhu kulandela ukuthi ikhomishana yamalungelo abantu iSouth African Human Rights Commission isiveze ukuthi lolu daba ilifaka enkantolo yokulingana kwabantu.

Kuzokhumbuleka ukuthi uNkz Mkhize oyisisebenzi sakwa-SABC wabonakala kwi-video eyasabalala ezinkundleni zokuxhumana esho amagama akhombisa ukucwasa kwizisebenzi zaleli bhanoyi njengoba aze waqhakambisa nenhlangano yezepolitiki i-ANC.

I-ANC yaziqhelelanisa nalona wesifazane nalesi sigameko. Kusukela kwasabalala le video i-SABC yakhipha isitatimende iveza ukuthi izolandela imigudu yangaphakathi ukubhekana nalesi sisebenzi.

I-DA yamvulela icala.

USihlalo wale khomishana uMnu Chis Nissen uthe bazobheka ukuthi awekho yini amalungelo abantu athunazeka ngalesi sigameko

Ezisematheni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UYAZIHLANGULA uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli, ukuthi ubenolwazi ngabantu bokufika eNingizimu Afrika asebehlale ngaphambi kwamahhovisi oMnyango wezaseKhaya emgwaqweni uChe Guevara eThekwini izinyanga ezine. UNtuli ubeyohlola ngala bantu asebakhe...