Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Bafuna kuchithwe icala losolwa ngokubulala u-Ayabonga Mjilo

Bafuna kuchithwe icala losolwa ngokubulala u-Ayabonga Mjilo

by | 9 August 2026

NGUMNU Mfanafuthi Kunene esebhokisini.

UMMELI wowesilisa obhekene necala lokubulala u-Ayabonga Mjilo, isidumbu sakhe esatholwa sifakwe estamkokweni, ufake isicelo sokuba lichithwe icala ngoba ethi kabukho ubufakazi obukhomba ukuthi ikilayenti lakhe linecala.

Lokhu ummeli ukusho lokhu ngemuva kokuba ummuso usubabize bonke ofakazi bawo emacaleni abhekene noMnu Mfanafuthi Kunene. UKunene ubhekene namacala amathathu okungelokuthumba, elokubulala u-Ayabonga, nelokudukisa ukusebenza kwengalo yomthetho.

Kuzokhumbuleka ukuthi ILANGA selibike izikhawu eziningi ngalolu daba kulandela lesi sigameko esenzeka mhla zingu-24 Nhlangulana wango-2024. Kubikwa ukuthi umufi wayekade egcine ukubonakala noKunene endaweni yobumnandi eMhlanga, kunephathi yokuvala unyaka.

Kuthiwa uKunene wabe esehamba naye umufi, baya kubo eMaoti nokulapho kusolwa ukuthi wafike wambulala khona, maqede isidumbu sakhe wasifaka esitamkokweni. Isidumbu sikamufi saze satholakala emuva kwamasonto amabili enyamalele.

NgoLwesine enkantolo kudlalwe i-video eyaqoshwa yiCCTV ekhombisa imizuzu yokugcina, umufi esaphila. Kule video, umufi uyabonakala efika kule ndawo ngezithuba zabo-22h29 ebusuku. Phakathi kwamabili umufi uphinde ebonakale esephuma noKunene, beya ngasemgaqweni bese beyasithela bonabili, okukholakala ukuthi babeya kogibela i-uber.

USgt Rajen Sanders osebenza ngaphansi kweProvincial Organized Crime Unit, okunguyena owalanda le video kule ndawo yobumnandi, utshele inkantolo ukuthi maningi amakhamera akhona kule ndawo ngaphakathi. Uveze ukuthi ngaphandle kwalena eyabaqopha sebephuma kule ndawo, ayikho enye ekhombisa ngesikhathi sebegibela imoto.

UNkz Rudy Reddy ongummeli kaKunene, ube esefaka isicelo sokuba lichithwe leli cala elibhekene bekilayenti lakhe ngoba ethi abukho umufakazi obubheke nalo. Usho lokhu nje, phambilini waveza ukuthi ikilayenti lakhe enkantolo lizothi alizange limbulale uMjilo, kodwa laphaphama ebusuku esevele esefile ephuma uketshezi oumhlophe emlonyeni.

Uthe ikilayenti lakha labe selithuka lafihla isidumbu ngoba lesaba ukuboshwa.

Ezisematheni

Isililo kudlula isilomo somculi kamaskandi

Isililo kudlula isilomo somculi kamaskandi

SIKHULU isililo endimeni kamaskandi ngokudlula emhlabeni kwesilomo somculi uScebi "Inkosi Yamagcokama" Dlamini waseMachunwini, eMsinga. Lo mculi ubesengozini yemoto ebusuku phakathi kwamabili Richards Bay eyonandisa kwiBasadi Maskandi Festival, khona eRichards Bay....

Usihlalo we-Action SA eKZN emjahweni wesobumeya eThekwini

Usihlalo we-Action SA eKZN emjahweni wesobumeya eThekwini

USIHLALO we-Action SA kwaZulu-Natal, uMnu Zwakele Mncwango umenyezelwe yiqembu lakhe ukuthi uyena oqokwe ukuthi angenele umjaho wesikhundla sokuba yiMeya yeTheku emcimbini obusehholo lomphakathi KwaMashu namhlanje ngoMgqibelo.UMncwango uqokwe noMnu Halalisani Ndlovu...

Ubedivosa nomyeni uthisha odutshulwe wabulawa yisoka

Ubedivosa nomyeni uthisha odutshulwe wabulawa yisoka

Kubikwa ukuthi ubeseqale izinhlelo zokwehlukanisa umshado wakhe uthisha odutshulwe wabulawa yisoka lakhe elisha, esigamekweni ese- nzeke ngoLwesibili KwaMachi, eHarding. ILANGA lithole ukuthi uMnu Mthobisi Ndlovu (30), oshayela amatekisi, udubule wabulala intombi...