Ilanga News
Home 9 Featured 9 Usazoxinwa ngemibuzo owe-ANC osolwa ngokufaka “amaqabane” ezikhundleni eziphezulu

Usazoxinwa ngemibuzo owe-ANC osolwa ngokufaka “amaqabane” ezikhundleni eziphezulu

by | 21 May 2025

USAZOPHEKWA ngemibuko ngamalungu ephalamende uDkt Nobuhle Nkabane onguNgqongqoshe wezeMfundo ePhakeme ngezinsolo zokwenzekela ekuqokeni osihlalo bamabhodi eSector Education and Training Authorities (SETA).
Ikomidi eliqondene nezemfundo ePhalamende lithi nakuba uDkt Nkabane esesihoxisile isinqumo sakhe sokuqoka osihlalo bamabhodi amaSETA, kodwa lisafuna aphendule ngesinqumo sakhe esisuse umsindo.

USihlalo waleli komidi, uMnu Tebogo Letsie, uthi bakhathazekile ngokuthi uDkt Nkabane uhoxise isinqumo sakhe engakalichazeli ikomidi ukuthi ufinyelele kanjani esinqumweni sokuqoka osihlalo abaqokile.
Umsindo uqutshulwe kakhulu yindaba yokuvela kwegama lendodana kaMnu Gwede Mantashe, uMnu Buyambo Mantashe. Amanye futhi amagama avelile ngelikaDkt Nomusa Dube-Ncube owayengundunankulu waKwaZulu-Natal, kanye nelikaMnu Mike Mabuyakhulu owake waba nguNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho nezokuVakasha KwaZulu-Natal.

Lolu daba luphakamise imimoya emhlanganweni waleli komidi lezemfundo ephakeme, ngoLwesithathu, kwaze kwakhishwa ngesidlozana uMnu Sihle Lonzi we-EFF. Emuva kwesikhashana kuqubuke umsindo, uDkt Nkabane ushaye ungqimphothwe wathi uyawahoxisa amagama abantu abesebeqokiwe. Uthe uhlelo lokuqokwa kosihlalo luzoqalwa phansi, lusingathwe yithimba elizimele.
UMnu Letsie uphinde wathi bafuna nokuba uDkt Letsie ngokubunjwa kwaleli thimba elizimele, nokuthi lithembeke kangakanani.
Uthi futhi bafuna nabeNational Skill Authority (NSA) ukuba baphendule ngeseluleko sabo abasinike ungqongqoshe mayela nokuqokwa kwalab’ osihlalo.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...