
LUPHENDUKE olokungcatshwa kwakhe usuku lomshado obeyisikhulu sezemfundo KwaZulu-Natal.
Ngokuthola kweLANGA, uMnu Nhlakanipho “Mboro” Mthembu waseMandeni, ubezoshadelwa umshado omhlophe ngoMgqibelo, wahlatshwa ukugula ngoLwesithathu washona ngoLwesine.
Lokhu kushiye umphakathi wakule ndawo unengekile njengoba izimemo zakhishwa ngenyanga edlule.
Kubikwa ukuthi uphuthunyiswe esibhedlela ebanwe ukugula.
Ngokwemithombo ebisondelene kakhulu noMnu Mthembu, itshele ILANGA ukuthi bese kukhokhelwe konke okuyizindleko zalo mshado. Omunye obesendolene naye kakhulu ngokomsebenzi, uthi kusenzima ukukholwa lesi sigameko esenzekile.
“Namanje silishaya alikhali ihlombe. Akukho ukugula okukhulu esikuzwile ngaphandle kokuthi kube wusuku olulodwa kwamehlula ukufa. Besilindele ukuthi sizobe sijabule kushadwa ngoMgqibelo sesithenge nemisoko ebesizoyigqoka emshadweni, kodwa lolu suku luphenduke olwezinyembezi ubengcatshwa ngalo,” kusho umthombo.
UMnu Mthembu ubezoshadelwa nguNkz Nomfundo Buthelezi abebesanda ukuthola ingane naye enenyanga eyodwa izelwe.
Ngokuthola kweLANGA, bekade engumhloli omkhulu eMandeni wabe esethola isikhundla sokuyosebenza emahhovisi ezemfundo ngaphansi kwesifunda iLembe ebhekelela izinhlelo zokulekelelwa kwabafundi abathatha kancane emfundweni yabo okubalwa nabakhubazekile.
Le nsizwa kuthiwa bekade yaziwa kakhulu ngokuthanda umsebenzi wayo, nokuswenka.

Lithintwa ilungu lomndeni lesifazane elitholakale kumakhalekhukhwini kaMnu Mthembu, eliveze ukuthi umufi ngumfowabo, lithe ugule isikhashana umfowabo. Leli lungu alivumanga ukwanda kabanzi ngokwenzekile, lathi lisazoxoxisana nomndeni ngaphambi kokuba linabe kabanzi kwabezindaba.
Emuva kwalokho belingasatholakali ocingweni.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnu Muzi Mahlambi uthe badlulisa amazwi enduduzo emndenini , ozakwabo kwabezemfundo ebekade ebambisene nabo.
“Ukulinyalelwa isisebenzi somnyango wezemfundo, kuyinto ebuhlungu kakhulu emnyangweni ngoba silahlekelwa kakhulu. Sikhalisana nomndeni, izihlobo, abangani nabantwana ngoba ulwazi lwakhe beluhlomulisa kwezemfundo,” esho.
UMnu Mthembu kuthiwa ushone sekusele isahluko (Chapter) esisodwa aphothule iziqu zobudokotela emkhakheni wakhe wobuthishela.
Ngokwezikhundla zakhe kwinyunyana yothisha i-South African Democratic Teachers Union (Sadtu) KwaZulu-Natal, wake waba ngunobhala wesiyingi eThekwini North esibizwa ngeNkosi Albert Luthuli, waba sebuholini besiyingi saseMandeni.
UNobhala weSadtu KwaZulu-Natal uNkz Nomarashiya Caluza uthi ubeyilungu elinesikhathi eside kule nyunyana.
“Ubeyihlonipha kakhulu inyunyana nangesikhathi engasenaso isikhundla uqhubekile waba yilungu layo wabahlonipha abaqokiwe ezikhundleni wabanikeza ukubaseka kakhulu. Silahlekelwe,” kusho uNkz Caluza







