Ilanga News
Home 9 Featured 9 Izulelwa ngamanqe iGenerations: The Legacy eyehlelwa ngababukeli

Izulelwa ngamanqe iGenerations: The Legacy eyehlelwa ngababukeli

by | 9 April 2025

LIZULELWA ngamanqe ikusasa lomdlalo kamabonakude osudonse iminyaka iGenerations: The Legacy, okhonjiswa kwiSABC 1 kulandela imibiko ethi iSABC imanqika ukuvuselela inkontileka yawo.

Imibiko esabalale ngeledlule, iveza ukuthi inhlangano yezokusakaza ayizimisele uqhubeka nalo mdlalo oqhoshwa yinkampani iMorula Pictures njengoba uqhubeka nokwehlelwa yisasasa nesibalo

sababukeli.

Lo mdlalo, nakuba usabalwa neminye ebukelwa kakhulu kwiSABC 1, kodwa wehlile uma kuqhathaniswa neminyaka eyedlule njengoba siqhubeka nokwehla isibalo sababukela umabonakude eNingizimu Afrika.

I-SABC ithe lo mdlalo okumanje kudlala isizini yesi-33 yawo, azikaphothulwa izingxoxo zesizini elandelayo yesi-34. Le nhlangano ithe izingxoxo phakathi kwayo neMorula Pictures ziyaqhubeka, akukho ukuphazamiseka okuzokwenzeka ekukhonjisweni kwalo mdlalo.

Okhulumela le nhlangano uMmoni Ngubane, uthe ababukeli mabaqhubeke nokubuka lo mdlalo njengoba kusekuningi okusazovela kuwona. Uthe banethemba lokuthi izingxoxo zesizini elandelayo zizophothulwa maduze bese ababukeli beyaziswa.

IGenerations ingomunye wemidlalo osubekhona isikhathi eside kumabonakude njengoba ike yabhekana nezinkinga phambilini ngesikhathi kuxoshwa inqwaba yabalingisi bayo kulandela ukuteleka kwabo.

Ngemuva kwalezi zinkinga, yabuya isibizwa ngeGenerations: The Legacy. Abalingisi abakhonjwa indlela kulo mdlalo kubalwa uMenzi Ngubane (ongasekho), uWinnie Ntshaba, uSophie Ndaba, uKatlego Danke, uZolisa Xaluva, uThami Mngqolo nabanye.

Lo mdlalo uzokhumbuleka ngabalingisi ababa nedumela okubalwa kubo uSello Maake KaNcube, uConnie Ferguson, uVusi Kunene, uThabiso Mokhethi nabanye. IGenerations: The Legacy ikhonjiswa ngehora lesishiyagalombili kusihlwa phakathi nezinsuku.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...