Ilanga News
Home 9 Featured 9 Izulelwa ngamanqe iGenerations: The Legacy eyehlelwa ngababukeli

Izulelwa ngamanqe iGenerations: The Legacy eyehlelwa ngababukeli

by | 9 April 2025

LIZULELWA ngamanqe ikusasa lomdlalo kamabonakude osudonse iminyaka iGenerations: The Legacy, okhonjiswa kwiSABC 1 kulandela imibiko ethi iSABC imanqika ukuvuselela inkontileka yawo.

Imibiko esabalale ngeledlule, iveza ukuthi inhlangano yezokusakaza ayizimisele uqhubeka nalo mdlalo oqhoshwa yinkampani iMorula Pictures njengoba uqhubeka nokwehlelwa yisasasa nesibalo

sababukeli.

Lo mdlalo, nakuba usabalwa neminye ebukelwa kakhulu kwiSABC 1, kodwa wehlile uma kuqhathaniswa neminyaka eyedlule njengoba siqhubeka nokwehla isibalo sababukela umabonakude eNingizimu Afrika.

I-SABC ithe lo mdlalo okumanje kudlala isizini yesi-33 yawo, azikaphothulwa izingxoxo zesizini elandelayo yesi-34. Le nhlangano ithe izingxoxo phakathi kwayo neMorula Pictures ziyaqhubeka, akukho ukuphazamiseka okuzokwenzeka ekukhonjisweni kwalo mdlalo.

Okhulumela le nhlangano uMmoni Ngubane, uthe ababukeli mabaqhubeke nokubuka lo mdlalo njengoba kusekuningi okusazovela kuwona. Uthe banethemba lokuthi izingxoxo zesizini elandelayo zizophothulwa maduze bese ababukeli beyaziswa.

IGenerations ingomunye wemidlalo osubekhona isikhathi eside kumabonakude njengoba ike yabhekana nezinkinga phambilini ngesikhathi kuxoshwa inqwaba yabalingisi bayo kulandela ukuteleka kwabo.

Ngemuva kwalezi zinkinga, yabuya isibizwa ngeGenerations: The Legacy. Abalingisi abakhonjwa indlela kulo mdlalo kubalwa uMenzi Ngubane (ongasekho), uWinnie Ntshaba, uSophie Ndaba, uKatlego Danke, uZolisa Xaluva, uThami Mngqolo nabanye.

Lo mdlalo uzokhumbuleka ngabalingisi ababa nedumela okubalwa kubo uSello Maake KaNcube, uConnie Ferguson, uVusi Kunene, uThabiso Mokhethi nabanye. IGenerations: The Legacy ikhonjiswa ngehora lesishiyagalombili kusihlwa phakathi nezinsuku.

Ezisematheni

URadebe uzofakaza egameni le-ANC kwelokufa lukaLuthuli

URadebe uzofakaza egameni le-ANC kwelokufa lukaLuthuli

KULINDELEKE ukuthi kufakaze i-ANC ecaleni eliqhubekayo lokuphenya ngokufa kweNkosi Albert Luthuli eNkantolo ePhakeme yaseMgungundlovu. UMnu Jeff Radebe ohola ithimba elichitshiyeliwe KwaZulu Natal kulindele afakaze egameni le-ANC ngoLwesibili mhla ka-22 kuNdasa...

Kugxekwe uShivhambu iMK Party yaziqhelelanisa naye

Kugxekwe uShivhambu iMK Party yaziqhelelanisa naye

UMNYANGO wezobuLungiswa eNingizimu Afrika ugxeke uNobhala Jikelele we-MK Party uMnu Floyd Shivhambu ngokuvakashela ibandla likaMfu Shepherd Bushiri i-Enlightened Christian Gathering eMalawi. UShivhambu uhambele kuleli bandla ukuzoba yingxenye yenkonzo yalo yePhasika....

Kuboshwe 10 ngokushayela bedle amponjwana eKZN

Kuboshwe 10 ngokushayela bedle amponjwana eKZN

KUBOSHWE abantu abangaphezulu kweyishumi ngokushayela bedle amanzi amponjwana kule mpelasonto yePhasika esifundazweni KwaZulu Natal. Kule mpelasonto ezokuphepha emgwaqweni yesifundazweni ibiqinisiwe ngenhloso yokunqanda izingozi ezinyantisayo ezingenzeka njengoba...