Ilanga News
Home 9 Featured 9 Luya enkantolo olweGems, othisha abayichithayo

Luya enkantolo olweGems, othisha abayichithayo

by | 17 February 2026


ZISABISA ngokuyilwa nangezinkantolo eyengci-ndezelo ezithi zibhekene nayo izinyunyana zakuleli, ezikhala ngeMedical Aid kahulumeni, okuthiwa imelene nemihlomulo yezisebenzi.


Lokhu kuvezwe yiNational Teachers Union (Natu), ngapha-nsi kweFederation of Unions of South Africa (Fedusa), elwela othisha. Ngokwesinyathelo esesi-thathwe yizinyunyana, ziyobhikisha emahhovisi akwaGovernme-nt Employees Medical Aid Scheme (GEMS), eVutom House, ePitoli, ngoMgqibelo esiya kuwona.


UMengameli weNatu uMnu Sbusiso Malinga, uthi ngoMbasa (April), bazoya enkantolo ngalolu daba.
Utshele ILANGA ukuthi ukusu-ngulwa kwale medical aid scheme, kwakuhloswe ukuthi izisebenzi zingagqilazeki ngoba isebenzisana nohulumeni.


Uthi sekujikile konke lokho, ngoba sekuyiyona ehlezi enta-nyeni izisebenzi.
Uthi ukwenyuswa kwemali unyaka nonyaka kuyona, kungaphezulu kakhulu kwemali enyu-selwa izisebenzi eholweni lazo.

“Impilo yezisebenzi iGems, iyenza ibe nzima kakhulu. Imali eholwa yizisebenzi inyuka ka-ncane, kodwa bona bayenyusa kakhulu, bangabheki nokuthi uhulumeni uzinyusele kangakanani izisebenzi.
“Sibuhlungu ngoba uhulumeni nguyena owanqinda izisebenzi ilungelo lokuzikhethela,” esho.
Noma kunezingxoxo ngalolu daba, le medical aid kayizigqizi qakala izisebenzi.


“Ngeke sivumele ukwehluleka kweGems bakubeke emahlombe ezisebenzi,” kusho uMalinga.
Uthe kuyashaqisa ukuthi uhulumeni weseka kakhulu iGems ngemali ekubeni izisebenzi zikhala ngayo ukuthi kayiwenzi kahle umsebenzi.


Phakathi kwezinto izisebenzi ezithi kazihambisani nayo, wu-kwenyuswa kwemali ngo-9.8%, ekubeni imiholo yazo inyuka ngo-4% unyaka.
“IGems iphethwe ngendlela engahlelekile. Sifuna iphenywe, uhulumeni ungenelele ukuze kulungiswe le nkinga,” esho.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...