Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Iyaqonga inkinga yokudilizwa kwezisebenzi

Iyaqonga inkinga yokudilizwa kwezisebenzi

by | 23 September 2025

SEKUPHAKANYISWE ukuba uhulumeni ubize imbizo ephuthumayo ezobandakanya izinkampani ezisezinhleweni zokudiliza izindimbane zezisebenzi, izinyunyana zezisebenzi, nohulumeni bezifundazwe. 

Kule mbizo kuzohlanganwa ngenhloso yokuba kuphunywe nesisombululo sokuhlengwa kwemisebenzi, kwakhiwe uzinzo ezimbonini, kubuyiswe nethemba kubatshalimali. 

Lesi siphakamiso siqhamuke kuSihlalo wekomidi lasePhalamende eliqondene nezokuThuthukiswa koMnotho nezoHwebo, uNkk Sonja Boshoff, ngesikhathi ephawula ngemibiko yakamuva yokuthi inkampani enkulukazi yeziphuzo, iCoca-Cola isezinhlelweni zokudiliza inqwaba yezisebenzi eNingizimu Afrika. Le mibiko isiqubule okukhulu ukukhathazeka njengoba ngisho iPhalamende seliphawulile, lazwakalisa ukukhathazeka ngalesi simo. 

UNkk Boshoff uthi lesi simo sokudilizwa kwezisebenzi esihlongozwayo sibeka engcupheni impilo yezinkulungwane zabantu baseNingizimu Afrika. Wexwayisa ngokuthi uma kungathathwa izinyathelo ngokushesha, kuzodaleka umonakalo ongeke ulungiseke emnothweni wezwe, nasemphakathini. Uthi lokhu kuphela kwemisebenzi kuzobeka imindeni engozini, kanti futhi kuzokwenza umnotho wezwe ubukeke ungenalo uzinzo. 

Kuvela lokhu nje, kusakhalwa ngenhlekelele yokuphelelwa wumsebenzi kwezindimbane zabantu e-Eastern Cape abebeqashwe yinkampani iGoodyear, eyakha amathayi ezimoto njengoba isivalwa. Ngaphezu kwalokho kusakhalwa nangokuvalwa kwezimboni zenkampani i-ArcelorMittal ekhiqiza insimbi, okuyimboni eseNewcastle naseVereeniging. 

UNkk Boshoff uthi lokhu kudilizwa kwezisebenzi okuzokwenzeka eCoca-Cola kuzobhebhethekisa isimo esingesihle senhlalo yaba-ntu yezomnotho. 

Indaba yokudilizwa kwezisebenzi kwaCoca-Cola iqale ukusabalala emithonjeni yabezindaba ezinsukwini ezimbalwa ezedlule. Zibalelwa ku-680 izisebenzi okuhlelwa ukuthi zidilizwe kule nkampani. 

UMnu Edwin Mabowa. oyisekela likaNobhala-Jikelele wenyunyana yezisebenzi iFood and Allied Workers Union (Fawu), ucashunwe kwiSABC ethi bazozilwela izisebenzi.  

UNkk Boshoff uthe lokhu kuyakhathaza kakhulu, uma kubhekwa umnotho waseNingizimu Afrika ontengantengayo nezinga lokuntuleka kwemisebenzi ezweni elivele lidla amagalane. 

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...