Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Iyaqonga inkinga yokudilizwa kwezisebenzi

Iyaqonga inkinga yokudilizwa kwezisebenzi

by | 23 September 2025

SEKUPHAKANYISWE ukuba uhulumeni ubize imbizo ephuthumayo ezobandakanya izinkampani ezisezinhleweni zokudiliza izindimbane zezisebenzi, izinyunyana zezisebenzi, nohulumeni bezifundazwe. 

Kule mbizo kuzohlanganwa ngenhloso yokuba kuphunywe nesisombululo sokuhlengwa kwemisebenzi, kwakhiwe uzinzo ezimbonini, kubuyiswe nethemba kubatshalimali. 

Lesi siphakamiso siqhamuke kuSihlalo wekomidi lasePhalamende eliqondene nezokuThuthukiswa koMnotho nezoHwebo, uNkk Sonja Boshoff, ngesikhathi ephawula ngemibiko yakamuva yokuthi inkampani enkulukazi yeziphuzo, iCoca-Cola isezinhlelweni zokudiliza inqwaba yezisebenzi eNingizimu Afrika. Le mibiko isiqubule okukhulu ukukhathazeka njengoba ngisho iPhalamende seliphawulile, lazwakalisa ukukhathazeka ngalesi simo. 

UNkk Boshoff uthi lesi simo sokudilizwa kwezisebenzi esihlongozwayo sibeka engcupheni impilo yezinkulungwane zabantu baseNingizimu Afrika. Wexwayisa ngokuthi uma kungathathwa izinyathelo ngokushesha, kuzodaleka umonakalo ongeke ulungiseke emnothweni wezwe, nasemphakathini. Uthi lokhu kuphela kwemisebenzi kuzobeka imindeni engozini, kanti futhi kuzokwenza umnotho wezwe ubukeke ungenalo uzinzo. 

Kuvela lokhu nje, kusakhalwa ngenhlekelele yokuphelelwa wumsebenzi kwezindimbane zabantu e-Eastern Cape abebeqashwe yinkampani iGoodyear, eyakha amathayi ezimoto njengoba isivalwa. Ngaphezu kwalokho kusakhalwa nangokuvalwa kwezimboni zenkampani i-ArcelorMittal ekhiqiza insimbi, okuyimboni eseNewcastle naseVereeniging. 

UNkk Boshoff uthi lokhu kudilizwa kwezisebenzi okuzokwenzeka eCoca-Cola kuzobhebhethekisa isimo esingesihle senhlalo yaba-ntu yezomnotho. 

Indaba yokudilizwa kwezisebenzi kwaCoca-Cola iqale ukusabalala emithonjeni yabezindaba ezinsukwini ezimbalwa ezedlule. Zibalelwa ku-680 izisebenzi okuhlelwa ukuthi zidilizwe kule nkampani. 

UMnu Edwin Mabowa. oyisekela likaNobhala-Jikelele wenyunyana yezisebenzi iFood and Allied Workers Union (Fawu), ucashunwe kwiSABC ethi bazozilwela izisebenzi.  

UNkk Boshoff uthe lokhu kuyakhathaza kakhulu, uma kubhekwa umnotho waseNingizimu Afrika ontengantengayo nezinga lokuntuleka kwemisebenzi ezweni elivele lidla amagalane. 

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...