Ilanga News
Home 9 Featured 9 Umunyu kuKhuzani echaza ngesibhicongo sengozi yetekisi eyenzeke ngakubo

Umunyu kuKhuzani echaza ngesibhicongo sengozi yetekisi eyenzeke ngakubo

by | 31 December 2024

UBELWA nokubamba izinyembezi umculi kamaskandi uKhuzani Mpungose, ngesikhathi echazela uMnu Ayanda Msweli, ngokuthiwa kwenzeke endaweni yangakubo, engozini yetekisi lapho kushone khona abantu abayishumi.

Le ngozi yenzeke endaweni yaseMandaba, eNkandla. Ngokwemibiko kuvela ukuthi itekisi beyilibhekise odwedweni obekumele lube izolo, kanti imoto ebeyingaphambi kwayo izokuba nenkinga seyikhuphuka intaba.

Kuthiwa ushayeli wetekisi wehlile ethi uyosiza le moto ebeyingaphambi kwakhe, kanti isizophelelwa ngamabhuleki, yahlehlela etekisini, yayidudula, maqede yaphenduka nabagibeli phakathi.

UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli, naye ongowaseNkandla, uzifikele mathupha endaweni yesigameko.
nonhlakaniphos@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...