Ilanga News
Home 9 Featured 9 Umunyu kuKhuzani echaza ngesibhicongo sengozi yetekisi eyenzeke ngakubo

Umunyu kuKhuzani echaza ngesibhicongo sengozi yetekisi eyenzeke ngakubo

by | 31 December 2024

UBELWA nokubamba izinyembezi umculi kamaskandi uKhuzani Mpungose, ngesikhathi echazela uMnu Ayanda Msweli, ngokuthiwa kwenzeke endaweni yangakubo, engozini yetekisi lapho kushone khona abantu abayishumi.

Le ngozi yenzeke endaweni yaseMandaba, eNkandla. Ngokwemibiko kuvela ukuthi itekisi beyilibhekise odwedweni obekumele lube izolo, kanti imoto ebeyingaphambi kwayo izokuba nenkinga seyikhuphuka intaba.

Kuthiwa ushayeli wetekisi wehlile ethi uyosiza le moto ebeyingaphambi kwakhe, kanti isizophelelwa ngamabhuleki, yahlehlela etekisini, yayidudula, maqede yaphenduka nabagibeli phakathi.

UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli, naye ongowaseNkandla, uzifikele mathupha endaweni yesigameko.
nonhlakaniphos@ilanganews.co.za

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...