Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Luzolalelwa ngezayo olokwehlukaniswa kwamafa kaMpisane noMaMkhize

Luzolalelwa ngezayo olokwehlukaniswa kwamafa kaMpisane noMaMkhize

by | 24 March 2026

NGUMNU Sibusiso Mpisane noNkz Shauwn Mkhize.

SIZOLALELWA ngenyanga ezayo eNkantolo eNkulu yaseThekwini isicelo esifakwe nguMnu Sibusiso “Sbu” Mpisane, sokuba inkantolo iqoke umuntu ozolekelela ekuhlukanisweni kwamafa abo (liquidator), nowayeyinkosikazi yakhe uShauwn Mkhize.

Ngokuthola kwaleli phephandaba ngomthombo walo osondelene nalolu daba, uMpisane unqume ukufaka lolu daba enkantolo ngoba ebona kuhamba isikhathi impahla yabo ingahlukaniswa, kanti  nohlaka oluqoqa intela, iSouth African Revenue Service  (SARS) lulokhu lugawule njalo kuyo le empahla okumele bayihlukanise, ngenxa yesikweletu sikaMaMkhize. 

Leli phephandaba selike labika izikhawu ezimbalwa ngokudliwa kwempahla kaMaMkhize, okubalwa kuyo izimoto, ifenisha kanokusho, amabhodlela otshwala aphambili, nokunye okuningi.

“Ngo-2024 uMpisane wacela ukuba kuhlukaniswe amafa, kodwa uMaMkhize wangavuma. Ngonyaka owedlule iSars iqalile ukudla impahla kaMaMkhize ngoba ekweleta intela, noMaMkhize waqala waba mningi ngaseSwazini, uSbu wabona sengathi uyabaleka.

“Ube esefaka amaphepha enkantolo. Akufunayo wukuthi kube yinkantolo ezoqoka umuntu ozobalekelela ekuhlukanisweni kwempahla, kungaze kube wukuthi iSars igawula kakhulu. Isicelo sizolalelwa ngomhla ka-13 wenyanga ezayo,” kusho umthombo. 

Ngokwamaphepha asenkantolo (leli phephandaba eliwabonile), uMpisane usola uMaMkhize ngokwehluleka wukulandela umyalelo wenkantolo, owaphuma ngemuva kokuphothulwa kwesicelo sakhe sedivosi ngo-2019, sokuba aqoke umuntu ozobhekelela ukuhlukaniswa kwefa labo. 

“Ukuhluleka kwakhe ukuqoka umuntu ozobhekelela ukuhlukaniswa kwamafa akukona ukudelela umyalelo wenkantolo kuphela, kodwa kuyimizamo yokuphazamisa ukuhlukaniswa kwempahla yakhe nommangali (uSbu) ngendlela efanele, nenobulungiswa,” kusho amaphepha.

Eqhuba amaphepha, athi ukubambezeleka kokuhlukaniswa kwempahla sekube nomthelela ongemuhle empilweni, nasohlangothini lwemali kuMpisane. Athi ukuhlukaniswa kwempahla kuzomelekelela ukuba aqale kabusha impilo yakhe. 

Ezisematheni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UYAZIHLANGULA uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli, ukuthi ubenolwazi ngabantu bokufika eNingizimu Afrika asebehlale ngaphambi kwamahhovisi oMnyango wezaseKhaya emgwaqweni uChe Guevara eThekwini izinyanga ezine. UNtuli ubeyohlola ngala bantu asebakhe...