
AYIKACACI indaba yomholo ezisebenzi zeThala SOC Limited ezingaholanga ngenyanga edlule njengoba kusavaliwe ukuphuma kwemali kule nkampani engaphansi kukahulumeni, okuchaphazele nenqwaba yabantu abebesebenzisa ibhange Ithala.
Njengoba selusondele usuku lomholo wezisebenzi zeThala wale nyanga uNhlolanja (February), akucaci noma zizohola noma kuzophinda okwenzeke ngenyanga edlule.
Lezi zisebenzi ezilinganiselwa cishe ku-400, ezihola ngomhla ka-20 enyangeni, aziwutholanga umholo wenyanga edlule.
UMnu Prince Mthalane onguNobhala wenyunyana yalezi zisebenzi iNational Education, Health and Allied Workers’ Union (Nehawu) esifundeni iTheku, utshele ILANGA izolo ngeSonto ukuthi basaqhubeka nemizamo yokuba izisebenzi zikhokhelwe umholo wazo wale nyanga.
Ngomhla ka-29 enyangeni edlule lezi zisebenzi zabhikisha zaya emahhovisi eSouth African Reserve Bank (SARB) enkabeni yedolobha eThekwini, zifuna ukuba kudedelwe imali, zithole umholo wazo.
Ukuphuma kwemali eThala kwavalwa phakathi nenyanga edlule ngesikhathi iPrudential Authority (PA) ifaka amaphepha eNkantolo eNkulu eMgungundlovu, inxusa ukuba le nkantolo ilalele isicelo sayo esiphuthumayo sokuba kugunyazwe ukuvalwa kwebhange Ithala. Leso sicelo asikalalelwa enkantolo njengoba kwahlehliselwa uNdasa (March) ukulalelwa kwaso. Ukuphuma kwemali eThala kwenganyelwe ngumlawuli uMnu Johannes Kruger owaqokwa yiPA.
UMthalane uthi incwadi yezikhalo zezisebenzi abayethula kwiSouth African Reserve Bank (SARB) ayikaze iphendulwe kuze kube manje nakuba babethe bafuna impendulo ezinsukwini ezinhlanu. Enye yezinto eyayifunwa yizisebenzi wukuba kulungiswe indaba yomholo wazo ngokushesha, nokuba kukhishwe umlawuli uKruger eThala.







