Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Wethembisa lukhulu uyise kaThando Dlamuka kwisizini yesikhombisa

Wethembisa lukhulu uyise kaThando Dlamuka kwisizini yesikhombisa

by | 31 December 2024

UYISE kaThando Dlamuka, ozakhele igama ngokubonakala ohlelweni i-Isencane Lengane, useveze ukuthi maduze nje iyeza isizini yesikhombisa yalo.

UThembinkosi Thabethe, owaziwa ngokuba nobudlelwano obungebuhle nendodakazi yakhe kanjalo nomkhwenyana wayo uSiyacela Dlamuka, ugxekwe ngabalandeli ngokubuyela kulolu hlelo, njengoba bekhala ngokuthi kalumvezi kahle.

Kuzokhumbuleka ukuthi kulolu hlelo ujwayele ukuchashwa ngenhlamba ngumkhwenyana wakwakhe kanjalo nangunina kaThando.

Abalandeli bakhe bathe kuye makayeke ukulandela ibhodwe eliconsayo aze adele isithunzi sakhe. I-Isencane Lengane idlala kuMoja Love, kuChannel 151.
nonhlakaniphos@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...