Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Wethembisa lukhulu uyise kaThando Dlamuka kwisizini yesikhombisa

Wethembisa lukhulu uyise kaThando Dlamuka kwisizini yesikhombisa

by | 31 December 2024

UYISE kaThando Dlamuka, ozakhele igama ngokubonakala ohlelweni i-Isencane Lengane, useveze ukuthi maduze nje iyeza isizini yesikhombisa yalo.

UThembinkosi Thabethe, owaziwa ngokuba nobudlelwano obungebuhle nendodakazi yakhe kanjalo nomkhwenyana wayo uSiyacela Dlamuka, ugxekwe ngabalandeli ngokubuyela kulolu hlelo, njengoba bekhala ngokuthi kalumvezi kahle.

Kuzokhumbuleka ukuthi kulolu hlelo ujwayele ukuchashwa ngenhlamba ngumkhwenyana wakwakhe kanjalo nangunina kaThando.

Abalandeli bakhe bathe kuye makayeke ukulandela ibhodwe eliconsayo aze adele isithunzi sakhe. I-Isencane Lengane idlala kuMoja Love, kuChannel 151.
nonhlakaniphos@ilanganews.co.za

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...