Ilanga News
Home 9 Featured 9 ‘Makuvuselelwe ubudlelwano phakathi komphakathi namaphoyisa’

‘Makuvuselelwe ubudlelwano phakathi komphakathi namaphoyisa’

by | 8 April 2025

Kusukela kwesokunxele nguNdunankulu waseGauteng uMnu Panyaza Lesufi, nguMengameli Cyril Ramaphosa, nguNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnu Senzo Mchunu noKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke uMnu Fannie Masemola.


“IMPI yokuqeda ubugebengu iyonqotshwa kuphela uma zonke izinhlaka ezithintekayo, okubalwa kuzona umphakathi, abamabhizini nohulumeni, zibambisana.”

Lawa ngamazwi ashiwo nguMengameli Cyril Ramaphosa namuhla ngoLwesibili ngesikhathi evula ingqunquthela yamaphoyisa lapho ehlangene khona e-Emperors Palace Convention Centre, eGoli.

Kule ngqungquthela yezinsuku ezintathu, kudingidwa ngezindlela amaphoyisa ophiko lweSouth African Police Service (Saps) angazisebenzisa ukwehlisa izinga logubegengu eliphezulu eNingizimu Afrika.

URamaphosa unxuse ukuba kuvuselelwe ubudlelwano phakathi kwamalungu omphakathi namaphoyisa.

“Esikhathini esiningi uma kwenzeka izigameko zobugebengu, uma ubuzisisa kahle kubantu bakuleyo ndawo, uzothola ukuthi bayazi ukuthi ngubani owenze lokho, yize kuyinto esuke ikhulunyelwa phansi.
“Ngakho-ke uma umphakathi unobudlelwano obuhle namaphoyisa futhi uwethemba, linganqadwa izinga lobugebengu,” esho.

Unxuse ukuba kule ngqungquthela kungabhekwa kuphela ukuthi kuliwa kanjani nobugebengu, kodwa kubhekisiwe nomsuka wobugebengu.

Ubonge uNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnu Senzo Mchunu ngokuqhamuka nombono wale ngqungquthela, wathi unethemba lokuthi iyigxathu elibalulekile ekulweni nobugebengu.

Uthe uhulumeni kawukwazi ukungayixazulile indaba yobugebengu ngoba inomthelela omubi emnothweni wezwe njengoba yakha isithombe esibi nakubatshalimali.

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...