Ilanga News
Home 9 Featured 9 ‘Makuvuselelwe ubudlelwano phakathi komphakathi namaphoyisa’

‘Makuvuselelwe ubudlelwano phakathi komphakathi namaphoyisa’

by | 8 April 2025

Kusukela kwesokunxele nguNdunankulu waseGauteng uMnu Panyaza Lesufi, nguMengameli Cyril Ramaphosa, nguNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnu Senzo Mchunu noKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke uMnu Fannie Masemola.


“IMPI yokuqeda ubugebengu iyonqotshwa kuphela uma zonke izinhlaka ezithintekayo, okubalwa kuzona umphakathi, abamabhizini nohulumeni, zibambisana.”

Lawa ngamazwi ashiwo nguMengameli Cyril Ramaphosa namuhla ngoLwesibili ngesikhathi evula ingqunquthela yamaphoyisa lapho ehlangene khona e-Emperors Palace Convention Centre, eGoli.

Kule ngqungquthela yezinsuku ezintathu, kudingidwa ngezindlela amaphoyisa ophiko lweSouth African Police Service (Saps) angazisebenzisa ukwehlisa izinga logubegengu eliphezulu eNingizimu Afrika.

URamaphosa unxuse ukuba kuvuselelwe ubudlelwano phakathi kwamalungu omphakathi namaphoyisa.

“Esikhathini esiningi uma kwenzeka izigameko zobugebengu, uma ubuzisisa kahle kubantu bakuleyo ndawo, uzothola ukuthi bayazi ukuthi ngubani owenze lokho, yize kuyinto esuke ikhulunyelwa phansi.
“Ngakho-ke uma umphakathi unobudlelwano obuhle namaphoyisa futhi uwethemba, linganqadwa izinga lobugebengu,” esho.

Unxuse ukuba kule ngqungquthela kungabhekwa kuphela ukuthi kuliwa kanjani nobugebengu, kodwa kubhekisiwe nomsuka wobugebengu.

Ubonge uNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnu Senzo Mchunu ngokuqhamuka nombono wale ngqungquthela, wathi unethemba lokuthi iyigxathu elibalulekile ekulweni nobugebengu.

Uthe uhulumeni kawukwazi ukungayixazulile indaba yobugebengu ngoba inomthelela omubi emnothweni wezwe njengoba yakha isithombe esibi nakubatshalimali.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...