Ilanga News
Home 9 Featured 9 Uyawaphika amanye amacala osolwa ngokudlwengula abafundi baseBizimali

Uyawaphika amanye amacala osolwa ngokudlwengula abafundi baseBizimali

by | 22 May 2025



UPHIKE amanye amacala awagqigqayo enkantolo uMnu Khumbulani “Vovo” Ngubane (28), osolwa ngokudlwengula abafundi baseBizimali High School, eNkandla.

Lokhu kuvele namuhla ngoLwesine ngesikhathi ebingelela okokuqala iNkantolo yeMantshi ePinetown, eThekwini, ngemuva kokushaqwa ngamaphoyisa, ebhace enyangeni.

UNgubane ubevele enkantolo ngecala lokweqa ezitokisini ngoMsombuluko. Utshele inkantolo ukuthi akaze aboshwe futhi kalikho icala ake wavulelwa lona ngaphambilini, ngaphandle kwalawa abekade efunelwa wona, okunukubeza abafundi.

Imantshi imbuze ukuthi uzozimela yini noma uzodinga ummeli wamahhala, wathi uzomsiza umndeni wakhe, uzomkhokhela ummeli ozimele, kodwa okwamanje uzocela ukwelekelelwa ngowamahhala.

Icala lakhe libe selihlehliselwa umhla ka-28 kwephezulu ukuze afake isicelo sebheyili. Ngesikhathi ephuma enkantolo, eboshwe ngozankosi, uhanjiswe esiteshini samaphoyisa eDurban North. Kuvezwe ukuthi amaphoyisa aseKhombe, eNkandla, azomlanda khona ayobhekana namacala okudlwengula avulelelwe wona eNkandla.

Icala abevele ngalo eNkantolo yeMantshi ePinetown, ngelokweqa esiteshini eMariannhill, ‘ezandleni zamaphoyisa’ kanti amacala amaningi akhe okudlwengula, avulwe esiteshini saseKhombe.

Izinsolo abhekene nazo uNgubane ziphazamise ukufunda nokufundisa eBizimali High. Bathathu abafundi okusolwa ukuthi wabadlwengula kuyona le nyanga.

Ubanjwe izolo ngoLwesine ehostela eDalton, eThekwini, okusolwa ukuthi ubekade esenyangeni, eyofuna amakhathakhatha ngemuva kokweqa esitokisini. Inyanga kuthiwa ibisimgcine izinsuku ezimbili.

Kuvela ukuthi inyanga ithinte omunye wosomatekisi eyazana naye, osebenza kwiBhekisizwe Taxi Association, yamluma indlebe ngokugcina kwayo umsolwa.

ILANGALempelasonto lithole ukuthi kube sekuthintwa amaphoyisa, amshaqa. Kulindeleke ukuba maduzane avele eNkantolo yeMantshi yaseNkandla.
mthobisis@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...