Ilanga News
Home 9 Featured 9 Uyawaphika amanye amacala osolwa ngokudlwengula abafundi baseBizimali

Uyawaphika amanye amacala osolwa ngokudlwengula abafundi baseBizimali

by | 22 May 2025



UPHIKE amanye amacala awagqigqayo enkantolo uMnu Khumbulani “Vovo” Ngubane (28), osolwa ngokudlwengula abafundi baseBizimali High School, eNkandla.

Lokhu kuvele namuhla ngoLwesine ngesikhathi ebingelela okokuqala iNkantolo yeMantshi ePinetown, eThekwini, ngemuva kokushaqwa ngamaphoyisa, ebhace enyangeni.

UNgubane ubevele enkantolo ngecala lokweqa ezitokisini ngoMsombuluko. Utshele inkantolo ukuthi akaze aboshwe futhi kalikho icala ake wavulelwa lona ngaphambilini, ngaphandle kwalawa abekade efunelwa wona, okunukubeza abafundi.

Imantshi imbuze ukuthi uzozimela yini noma uzodinga ummeli wamahhala, wathi uzomsiza umndeni wakhe, uzomkhokhela ummeli ozimele, kodwa okwamanje uzocela ukwelekelelwa ngowamahhala.

Icala lakhe libe selihlehliselwa umhla ka-28 kwephezulu ukuze afake isicelo sebheyili. Ngesikhathi ephuma enkantolo, eboshwe ngozankosi, uhanjiswe esiteshini samaphoyisa eDurban North. Kuvezwe ukuthi amaphoyisa aseKhombe, eNkandla, azomlanda khona ayobhekana namacala okudlwengula avulelelwe wona eNkandla.

Icala abevele ngalo eNkantolo yeMantshi ePinetown, ngelokweqa esiteshini eMariannhill, ‘ezandleni zamaphoyisa’ kanti amacala amaningi akhe okudlwengula, avulwe esiteshini saseKhombe.

Izinsolo abhekene nazo uNgubane ziphazamise ukufunda nokufundisa eBizimali High. Bathathu abafundi okusolwa ukuthi wabadlwengula kuyona le nyanga.

Ubanjwe izolo ngoLwesine ehostela eDalton, eThekwini, okusolwa ukuthi ubekade esenyangeni, eyofuna amakhathakhatha ngemuva kokweqa esitokisini. Inyanga kuthiwa ibisimgcine izinsuku ezimbili.

Kuvela ukuthi inyanga ithinte omunye wosomatekisi eyazana naye, osebenza kwiBhekisizwe Taxi Association, yamluma indlebe ngokugcina kwayo umsolwa.

ILANGALempelasonto lithole ukuthi kube sekuthintwa amaphoyisa, amshaqa. Kulindeleke ukuba maduzane avele eNkantolo yeMantshi yaseNkandla.
mthobisis@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Umlando uRamaphosa ebangusihlalo weSADC

Umlando uRamaphosa ebangusihlalo weSADC

NGUMENGAMELI wakuleli uMnu Cyril Ramaphosa nowaseZimbabwe uMnu Emmerson Mnangagwa. UMENGAMELI waseNingizimu Afrika uMnu Cyril Ramaphosa, usenguSihlalo weSouthern African Development Community (SADC). Uqokelwe kulesi sikhundla ngoMsombuluko, ethatha izintambo...

UDuduzane uthi akazele izikhundla kwiMK Party

UDuduzane uthi akazele izikhundla kwiMK Party

USEPHAWULE okokuqala uDuduzane Zuma ngokuqokwa kwakhe ukuba yiphini lokuqala likaMengameli weMK Party. Leli qembu lenze izinguquko emasontweni edlule, lakhipha ezikhundleni abantu abebethathwa njengezinsika zayo, uMnu Nathi Nhleko noDkt John Hlophe. UDuduzane,...