Ilanga News
Home 9 Imibono 9 Mayiqiniswe imithetho yezwe, zijeze izigcwelegcwele ezihlukumeza imiphakathi

Mayiqiniswe imithetho yezwe, zijeze izigcwelegcwele ezihlukumeza imiphakathi

by | 27 August 2025

YAYIVUTHA kanje imoto enesidumbu sikaSiyanda Mthokozisi Khuzwayo ngemuva kokuba adutshulwe bese ithungelwa ngomlilo ngaphandle kwenxanxathela yezitolo iMaponya eSoweto, eGoli.

UKUBULAWA ngesihluku kwensizwa esencane yaKwaZulu-Natal, ebingumshayeli wetekisi elikhokhelwa ngebanga elilihambile (e-hailing), uSiyanda Mthokozisi Khuzwayo, eSoweto, eGoli, kuveza ngokusobala ubulwane babanye babantu esiphila nabo ezweni.

Laba bantu abangenanembeza kabakufanele ukuphila nabantu abajwayelekile, abahlonipha imithetho yezwe. UKhuzwayo waseNhlungwane, oLundi, kuthiwa ubulawe ngosomatekisi bamakhumbi, abasembangweni wamakhasimende nomkhakha wamatekisi uKhuzwayo abesebenza kuwona.

Okushaqise izwe lonke, yindlela abulawe ngayo, njengoba kubikwa ukuthi uqale wadutshulwa, imoto yakhe yabe isithungelwa ngomlilo ephakathi kuyona, washa wangqongqa. Ubulawa nje, ubesasebenze izinsuku ezimbalwa kulo mkhakha we-ehailing, kanti nemoto yakhe ubesanda kuyithe-nga ngoba ethi uyozama impilo engcono eGoli.

Okusobala ngokwenzekayo ezweni, wukuthi naphezu kokuba sihlale sifundekelwa ngosopolitiki abathile nezinhlangano ezithile ngokuba nomthethosisekelo okuthiwa ‘usezingeni lomhlaba’, okuthiwa uvikela amalungelo abantu, kodwa leli bhukwana kalisho lutho kuquqaba lwabantu abayizisulu zemigulukudu, ozenzo zayo ziwubulwane.

Ukuba izwe lethu liphethwe ngendlela eqondile, sinohulumeni obakhathelele abantu emazingeni aphansi, ngabe kaku-dlalwa nezinswelaboya ezibhuqabhuqa abantu abangenacala. silokhu sifundekelwa ngamalungelo azo. Iqiniso wukuthi imigulukudu iyazicanasela ezweni, ihlalise kabuhlungu imiphakathi, ikakhulukazi empisholo.

Amaphoyisa okulindeleke ukuba asivikele kulezi zigebengu, akhala ngokuthi aboshwe izandla ngosopolitiki abaqhakambisa amalungelo ezigangi. Lokhu kuhlale obala muva nje, ngesikhathi ungqongqoshe omusha wamaphoyisa, uMnu Firoz Cachalia, ewaxwayisa ngokusebenzisa izibhamu ukuzivikela ezigebengwini ezisuke zihlome ziyizingovolo.

Lo ngqongqoshe empeleni uzwakala sengathi ukhathalele amalungelo emigulukudu, ngoba izinkulumo zakhe zihumusheka ebantwini abasemazingeni aphansi, sengathi akanendaba nabayizisulu zobugebengu. Kulesi simo okungahlonishwa komthetho ezweni, sidinga amaqembu aphikisayo nosopolitiki ukuba baphumele obala ngabangakwenzela abantu uma bengahlabana okhethweni, ukubavikela ebugebengwini.

Osopolitiki balokhu besifundekela ngomthethosisekelo okuthiwa usezingeni lomhlaba, kodwa abantu bebe bebhuqabhuqwa yindlala, bengawatholi amathuba emisebenzi ukuze bakwazi ukuzondla bona, nemindeni yabo, futhi beyizisulu zezinswelaboya, bafanelwe wukukhishwa inyumbazana, ngabavoti.

Izigebengu ezibulala abangenacala zifanelwe wukuboshwa, zishushiswe, zijeziswe kanzima. Kufanele imithetho yezwe iqiniswe, kuthi nxashane isigcwelegcwele sigwetshwe udilikajele, kuqinisekiswe ukuthi sifela ejele, singakhululwa emuva kweminyaka engatheni. Sengathi umfokaQwabe angalala ngoxolo.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...