Sikhuphula isitofu: noDkt Thabile Mthembu
NAMHLANJE ngifisa ukuba sikhumbuzane ngezifo ezithelelana ngocansi. Sizoqala ngokukhumbuzana ukuthi ziyini izifo ezithelelana ngokocansi, kakusiyona nje i-drop yodwa.
Izifo ezithelelana ngokocansi zingaba i-discharge abaningi abayibiza nge-drop, okusho ukuphuma koketshezi esithweni sangasese. Lolu ketshezi luba nephunga elibi nemibala ethile. Ungalubona ngokuthi izingubo zakho zangaphansi zinamathele esithweni sangasese futhi kube nephunga nokunuka.
Izilonda nama-rash endukwini
Izilonda nama-rash, uma wake waba nalokho uqonda kahle ukuthi sikhuluma ngani. Kubalulekile ukuhlola izitho zangasese ukuthi kazikho yini izilonda nama-rash noma ushintsho oluthile. Khumbula kunezinhlobo eziningi zama-rash nezilonda ongazithola.
Kanti futhi kunohlobo lwe-rash lolu okuhlelekile oluba ngaphansi kwenkanda (ikhinqi), lingaba ulayini owodwa kumbe ababili noma abathathu. Lolu hlobo silubiza ngama-pearly penal pepulles (PPP). Lolu hlobo kaluthelelani ngokocansi kodwa yinto ezivelelayo futhi iyaziphelela kwabanye. Uma ingapheli kakusho lutho. Uma ungenaso isiqiniseko sokuthi i-rash onayo iyini, kufanele ukuba uyobonana nodokotela noma uye emtholampilo.
Izintwala ungazithola ocansini
Uyazi nokuthi izintwala esithweni sangasese zingasho isifo esithelelana ngocansi? Lezi zintwala zenziwa wukuthintana kwezitho zangasese. Zingasuka kulo muntu onazo zidlulele kowakwakhe lapho kuthintana izitho zangasese. Abaningi bakholelwa ukuthi basuke bethakathiwe uma bezibona benezintwala.
Yini ebalulekile lapho uzithola unezifo ezithelelana ngokocansi?
? Okokuqala wukuthola usizo ngokushesha;
? Ungalwenzi ucansi lapho usola ukuthi unalezi zinkinga;
? Wena nowakwakho kumele nithole ukwelshwa. Lokhu kumqoka ngisho kungoyedwa onezimpawu, omunye engenazo. Khumbula ukuthi abanye bayakwazi ukuba nalezi zifo kodwa bangabi nazo izimpawu. Bayingozi kakhulu laba ngoba ngisho bengenazo izimpawu kodwa bayathelelana;
? Uma seniqale ukwelashwa kubalulekile ukuzila ucansi noma uma lungazibeki kufanele nigqoke ijazi lomkhwenyana.
Phindela kudokotela uma imishanguzo ingakusizi
Khumbula ukuthi uma unezilonda esithweni sangasese kodwa singapholi lapho udla imishanguzo, kumqoka ukubuyela kudokotela uyomazisa. Khumbula ukuthi uma ukhetha ukushintsha udokotela noma umtholampilo, kufanele umazise udokotela omusha noma umhlengikazi omusha ukuthi sewuke wathola imishanguzo ethile ukuze uthathwe isicubu noma uthole usizo olufanele, kuya ngokuthi udokotela noma umhlengikazi babona kufanele bakwelaphe ngayiphi indlela.
Izifo zocansi zitholakala ocansini olungaphephile
Masikhumbuzaneni ukuthi izifo zocansi sizithola kuphela lapho uzihlanganise nocansi olungaphephile nomuntu osuke enaleso sifo esithile. Siyazi ukuthi abantu besilisa abaningi bakholelwa ukuthi uma unalezi zifo zingenziwa wukulala nowesifazane odle ama-antibiotics/ disprin namanye amaphilisi. Lokhu-ke kakusilona iqiniso!
Izifo zocansi zitholakala lapho wenze ucansi olungaphephile kuphela.
Qikelela ukwenza ucansi oluphephile, lapho senithatha isinqumo sokwenza ucansi olungaphephile zihloleleni lezi zinto kuqala.
- Uma unesifiso sokusoka, uDkt Thabile Mthembu ukwenza mahhala lokhu kepha kumele ufone kuqala ukubhukha. Usebenzela eBlue Clinic, eMaxwell Centre ngaseCity Hospital, eThekwini. Utholakala enombolweni ethi: 031 309 1832.
- Uyatholakala nasezinkundleni zokuxhumana ngala madilesi:-
Instagram: @the.blue.clinic
Instagram
@the_blue_clinic
Facebook
@The Blue Clinic by Dr Thabile
Youtube