Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Omunye umlilo emijondolo yaseThekwini

Omunye umlilo emijondolo yaseThekwini

by | 8 July 2025


ABEZIMO eziphuthumayo nabacimi bemililo bathwale kanzima ukunqanda umlilo obusha ubuhanguhangu, ezakhiweni zaseDakota, eSiphingo.

Ibalelwa ku-150 imijondlo eshile kanti akekho umuntu okubikwe ukuthi ushonile ngenxa yalo mlilo. UMnu Billal Jeewa, wakwaGift of the Givers, uthi bafike endaweni umililo ubonakala ukuthi awubhuleki.

“Abantu bebebamba beyeka, bekhipha izimpahla abebengakwazi ukuzikhipha. Sifike sanikeza izisebenzi ebezicima umlilo ukudla neziphuzo. Izisulu eizishelwe yimijondolo, sizobheka ukuthi yikuphi esingazisiza ngakho,” esho.


Kuqubuka lo mlilo nje, ngesonto eledlule bekunelinye iqubula elicekele phansi izakhiwo kuKennedy Road, eClare Estate, eThekwini. Uphiko lwakwaDisaster Management kuMasipala weTheku selujutshwe eSipingo njengoba sekuvele le nhlekelele.
menzi.jele@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...