Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Omunye umlilo emijondolo yaseThekwini

Omunye umlilo emijondolo yaseThekwini

by | 8 July 2025


ABEZIMO eziphuthumayo nabacimi bemililo bathwale kanzima ukunqanda umlilo obusha ubuhanguhangu, ezakhiweni zaseDakota, eSiphingo.

Ibalelwa ku-150 imijondlo eshile kanti akekho umuntu okubikwe ukuthi ushonile ngenxa yalo mlilo. UMnu Billal Jeewa, wakwaGift of the Givers, uthi bafike endaweni umililo ubonakala ukuthi awubhuleki.

“Abantu bebebamba beyeka, bekhipha izimpahla abebengakwazi ukuzikhipha. Sifike sanikeza izisebenzi ebezicima umlilo ukudla neziphuzo. Izisulu eizishelwe yimijondolo, sizobheka ukuthi yikuphi esingazisiza ngakho,” esho.


Kuqubuka lo mlilo nje, ngesonto eledlule bekunelinye iqubula elicekele phansi izakhiwo kuKennedy Road, eClare Estate, eThekwini. Uphiko lwakwaDisaster Management kuMasipala weTheku selujutshwe eSipingo njengoba sekuvele le nhlekelele.
menzi.jele@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...