
IZOBUYISA ingqwele endala yezomculo iMpucuzeko kaMaskandi Festival mhlaka 29 kuNcwaba (August).
UMhleli weMpucuzeko uMnu Xolani Mcineka, uphakamise igama likaWashesha njengeciko elizonikewa ithuba kulo mcimbi ozokuba ePeoples Park Moses Mabhida Stadium ngenyanga ezayo.
UMnu Mcineka uthe njengoba ebuyisele uWashesha estudio emva kwesikhathi eside engasaculi, yingoba ufuna ukuveza kabusha nekhono lakhe kwiMpucuzeko.

Utshele ILANGA ukuthi njengoba ekholelwa kumaciko amadala endimeni kamaskandi, akafuni kuphele ngawo.
“Asifuni ukulahlekelwa umsoco womculo omdala njengoba sekwande kakhulu intsha emculweni kamaskandi. Abantu abadala kufanele sibanikeze ithuba lokuzikhangisa, bese nalaba abangasenawo amandla okuqopha sibaxashe ukuze kungapheli ngamakhono abo abaziphilisa ngawo, ” kusho uMnu Mcineka.
Abaculi abazonandisa lusazomenyezelwa uhlu kwabo. UWashesha uyiciko elidala kumasikandi kusukela ngonyaka yama-80’s liyibambile.
UMnu Mcineka uxhase leliciko ukuba liyoqopha umculo omusha selokhu lama ngonyaka ka-2009 ngenxa yokuwa kwezinkampani zomculo.







