Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 Owaxoshwa oKhozini uvule isiteshi somsakazo

Owaxoshwa oKhozini uvule isiteshi somsakazo

by | 13 December 2025

UJABULISE ababethanda iphimbo lakhe ngesikhathi esebenza emsakazweni uKhozi FM, uSbu Buthelezi, owaxoshwa kulesi siteshi ngezinsolo zokusifaka ezinkingeni.

Lo msakazi uvule isiteshi somsakazo, iVoice of Life, esisakaze okokuqala online ngeSonto, kwajabula ababemthanda eminyakeni edlule esathula izinhlelo zezenkolo oKhozini. UButhelezi usakaze ihora elilodwa kuphela, wathi ubesezwa amanzi ngobhoko. Udlale izingoma zomculo wokholo, wathembisa abalandeli bakhe ukuthi lukhulu oluzayo.

“Okwamanje sizosakaza ihora njalo ngeSonto ngo-12h00. Ngokuhamba kwesikhathi, sizokwandisa amahora uma kuwukuthi abantu bayakuthakasela lokhu engikwenzayo,” esho.

Uveze ukuthi luselude kakhulu ukhalo azimisele ngokulukhathula nalo msakazo.

“Njengoba siqala sicathulisa ingane, ngelinye ilanga izokhula. Ngaleyo ndlela, ngiqonde ukuthi lesi siteshi nakuba singeke sikhule manje, kodwa eminyakeni eyishumi ezayo, sizobe sibalwa nezihamba phambili.”

Ngaphambi kokuba avule lo msakazo, uqale wenaba ngokuxoshwa kwakhe oKhozini, esola ukuthi akuhambanga ngendlela efanele. Phakathi kwezinto akhale ngazo, wukuthi konke ayekwenza oKhozini, wayethenga isikhathi, ekhokha kwi-account yomsakazo ukuze akhangise ibhizinisi ayelenza.

Uveze nokuthi abaphathi balo msakazo bamxosha ngenxa yomthelela wabantu bangaphandle, ababengesiyona ingxenye yakwaSABC. Ngokuthola kweLANGA phambilini – ngesikhathi exoshwa oKhozini – kwavela ukuthi inkampani yakhe yezinkukhu yayisolwa ngokuqola abantu ababefake imali kuyona, bangayithola inzalo yakhona. Iningi labantu ababefaka amacala, kuthiwa lalibika nasoKhozini.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...