Ilanga News
Home 9 Imibono 9 Masizilungiselele ukuthi sizophila nakho ukuguquka kwesimo sezulu

Masizilungiselele ukuthi sizophila nakho ukuguquka kwesimo sezulu

by | 5 March 2025

KUYINTO ebuhlungu ukudlula komphefumulo womuntu ngengozi, ingasaphathwa-ke uma kuiyingane. NgoLwesithathu ngesonto eledlule sivuke ngezindaba zokuthi kufe abantu abahlanu eLamontville, eThekwini, okubalwa kubo nezingane ezintathu, begugulwa ngamanzi njengoba lalikade liyidliva kusukela ngoLwesibili ebusuku.

Yize izikhukhula ziyinhlekelele, sekuyisikhathi sokuthi siyizwe, ikakhulu uhulumeni, sikwemukele ukuthi ukuguquka kwesimo sezulu (climate change) yinto ekhona futhi esazokuba khona. Njengoba kwenzeka nango-2021, uma kunemvula enkulu, kuyenzeka amanzi agijime nalapho owawungacabangi ukuthi angahamba khona.

Uhulumeni kumele uqikelele uma uqoka osonkontileka emisebenzini ethinta ingqalasizinda, ukuthi banaso yini isipiliyoni nolwazi lokwenza umsebenzi ngendlela efanele nesezingeni elilindelekile.

Ngale kwesigameko saseLamonti, umonakalo wezimvula ububonakala ezindaweni eziningi esifundazweni. Okuqaphekile wukuthi kweminye imigwaqo amanzi abemile, kokunye engahambi ngemigudu akhelwe yona, okuwubufakazi bokunganakekelwa ngendlela kwengqalasizinda (infrastructure).

Kuyiqiniso ukuthi kusekhona ingqalasizinda eselokhu yakhiwa wuhulumeni wobandlululo, okumele ngabe uhulumeni wamanje uyayihlola, uyivuselele lapho kudingeka khona. Kumele kuqinisekiswe ukuthi kwenziwa ucwaningo olunzulu uma kuhlonzwa indawo okuzobekwa kuyona abantu, ngisho kungathiwa leyo ndawo ingolindela, lapho abantu behlaliswa khona isikhathi esifushane, besalinde ukuthola izindlu zomxhaso.

Enye into okumele ilungiswe wukukhishwa ngobubhululu kwamathenda engqalasizinda. Uthole ukuthi uhulumeni ukhipha amathenda emali eshisiwe – imali inikwe umuntu othile, ongezukuwenza umsebenzi, kodwa ozofuna omunye, naye ozofuna omunye okunguyena ozokwenza umsebenzi. Njengoba kuhambe kuxetshulwa umkhomo nje, iba ncane imali eqondene ngqo nalowo msebenzi, kugcine kwenziwa ingqalasizinda engekho esimweni.

Siyakuqonda ukuthi uhulumeni ubhekene nengwadla yokushoda kwemali, kodwa ukuguquka kwesimo sezulu okuhambisana nokwanda kwezinhlekelele kuyaphoqa ukuthi ngesikhathi kuhlanganiswa isabelomali sonyaka, kumele kubekwe imali eceleni, ezobhekana nezimo eziphuthumayo, futhi kuqinisekiswe ukuthi izikhulu kaziyehlisi ngemilenze.

Sithi dudu emindenini elahlekelwe ngabathandiweyo. Sengathi abasale dengwane uhulumeni nezinye izinhlaka bangasheshe babelulele isandla, bathole izinsiza abazidingayo ukuze baqhubeke nempilo.

Ezisematheni

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

SELISEZIKHINDINI isoka lentokazi eveze izithombe enkundleni yezokuxhumana ikhala ngokungatholi ubulungiswa. Amaphoyisa akwaSAPS eKZN akhiphe isitatimende ecacisa ngodaba lukaNkz Snenhlanhla Nenezana Mthembu ofake izithombe zakhe kanye nezesoka lakhe elimshayayo athi...

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

I-AFRICAN National Congress (ANC), ithi ngeke ithule uma kukhona izwe elihlukumeza abantu abangenacala. Lokhu kulandela umsindo osuswe ukugasela kweMelika eVenezuela, ngoMgqibelo, yathumba uMengameli wakhona uMnu Nicolas Maduri, nomkakhe. UNobhala we-ANC, uMnu Fikile...