Ilanga News
Home 9 Imibono 9 Masizilungiselele ukuthi sizophila nakho ukuguquka kwesimo sezulu

Masizilungiselele ukuthi sizophila nakho ukuguquka kwesimo sezulu

by | 5 March 2025

KUYINTO ebuhlungu ukudlula komphefumulo womuntu ngengozi, ingasaphathwa-ke uma kuiyingane. NgoLwesithathu ngesonto eledlule sivuke ngezindaba zokuthi kufe abantu abahlanu eLamontville, eThekwini, okubalwa kubo nezingane ezintathu, begugulwa ngamanzi njengoba lalikade liyidliva kusukela ngoLwesibili ebusuku.

Yize izikhukhula ziyinhlekelele, sekuyisikhathi sokuthi siyizwe, ikakhulu uhulumeni, sikwemukele ukuthi ukuguquka kwesimo sezulu (climate change) yinto ekhona futhi esazokuba khona. Njengoba kwenzeka nango-2021, uma kunemvula enkulu, kuyenzeka amanzi agijime nalapho owawungacabangi ukuthi angahamba khona.

Uhulumeni kumele uqikelele uma uqoka osonkontileka emisebenzini ethinta ingqalasizinda, ukuthi banaso yini isipiliyoni nolwazi lokwenza umsebenzi ngendlela efanele nesezingeni elilindelekile.

Ngale kwesigameko saseLamonti, umonakalo wezimvula ububonakala ezindaweni eziningi esifundazweni. Okuqaphekile wukuthi kweminye imigwaqo amanzi abemile, kokunye engahambi ngemigudu akhelwe yona, okuwubufakazi bokunganakekelwa ngendlela kwengqalasizinda (infrastructure).

Kuyiqiniso ukuthi kusekhona ingqalasizinda eselokhu yakhiwa wuhulumeni wobandlululo, okumele ngabe uhulumeni wamanje uyayihlola, uyivuselele lapho kudingeka khona. Kumele kuqinisekiswe ukuthi kwenziwa ucwaningo olunzulu uma kuhlonzwa indawo okuzobekwa kuyona abantu, ngisho kungathiwa leyo ndawo ingolindela, lapho abantu behlaliswa khona isikhathi esifushane, besalinde ukuthola izindlu zomxhaso.

Enye into okumele ilungiswe wukukhishwa ngobubhululu kwamathenda engqalasizinda. Uthole ukuthi uhulumeni ukhipha amathenda emali eshisiwe – imali inikwe umuntu othile, ongezukuwenza umsebenzi, kodwa ozofuna omunye, naye ozofuna omunye okunguyena ozokwenza umsebenzi. Njengoba kuhambe kuxetshulwa umkhomo nje, iba ncane imali eqondene ngqo nalowo msebenzi, kugcine kwenziwa ingqalasizinda engekho esimweni.

Siyakuqonda ukuthi uhulumeni ubhekene nengwadla yokushoda kwemali, kodwa ukuguquka kwesimo sezulu okuhambisana nokwanda kwezinhlekelele kuyaphoqa ukuthi ngesikhathi kuhlanganiswa isabelomali sonyaka, kumele kubekwe imali eceleni, ezobhekana nezimo eziphuthumayo, futhi kuqinisekiswe ukuthi izikhulu kaziyehlisi ngemilenze.

Sithi dudu emindenini elahlekelwe ngabathandiweyo. Sengathi abasale dengwane uhulumeni nezinye izinhlaka bangasheshe babelulele isandla, bathole izinsiza abazidingayo ukuze baqhubeke nempilo.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...