LIBUYISELWE emsebenzini inxusa lakuleli e-India, uMnu Anil Sooklal emva kokuhlonzwa wuMnyango wezobuDlelwano namaZwe omHlaba ngohambo lowayenguMengameli wezwe, uMnu Jacob Zuma owabonakala ehleli nomndeni wakwaGupta e-India ngoJune nonyaka.

Emva kokuvakashela kukaZuma e-India kwasabalala ivideo nezithombe zakhe esemcimbini okwakukhona kuwona nosomabhizinisi, uMnu Anil Gupta. Umnyango wabhalela uSooklal ufuna izimpendulo kuyena ngalolu hambo.
Yize umnyango ubungazwakali uphawula emva kwalokhu kodwa uSooklal kuthiwa ubeyenza imizamo yokuthi ahlanze igama lakhe njengoba egcine ebuyiselwa emsebenzini.
Ukuvela kukaZuma esemcimbini onamaGupta, kwasusa umsindo kuthiwa bekungamele abonakale nawo njengoba ayengumengameli wezwe kanti lo mndeni wahamba eNingizimu Afrika ulandelwa amacala okugwamanda uMbuso. Ngesikhathi sebehambile abakwaGupta kuleli kwavela ukuthi kumele babuyiselwe eNingizimu Afrika ukuzophendula ngamacala ababesolwa ngawo. Ukuhamba kwabo kwenza kwabanzima ukuthi bashushiswe. Basolwa ngokuthi babegwamande amandla oMbuso ngesikhathi sikaMengameli Jacob Zuma. Lezi sindaba zavela kwiKhomishini kaZondo eyayiphenya ngokugwamanda amandla oMbuso.
NgoJune uZuma ubeyiswe yiJacob Zuma Foundation e-India. Okhulumela le nhlangano engenzi nzuzo, uMnu Zwanele Manyi, wathi lolu hambo beluyimfihlo futhi ngeke adalule lutho oluthinta lona ngaphandle kokuthi lufana nombiko ophakathi kukadokotela nesiguli okumele uphelele kubona kuphela.
Ngokweminye imithombo uZuma kuthiwa wayeye e-India ukuyothandazelwa.







