Ilanga News
Home 9 Featured 9 Owayengumholi we-MK Party ufuna kumiswe uHlophe ngezinsolo zocansi

Owayengumholi we-MK Party ufuna kumiswe uHlophe ngezinsolo zocansi

by | 27 January 2025

OWAYENGUMHOLI weMK Party eMpumalanga uMary Phadi uveze ukuthi ufuna kumiswe iPhini likaMengameli waleli qembu uDkt John Hlophe ngezinsolo zokunukubeza ngokocansi.

Ngokubika kweTimesLive encwadini esabalele ezinkundleni zokuxhumana uPhadi usola uHlophe ngokuzidlisa santshanyana kuyena emfuna ucansi. Kule ncwadi uPhadi uveza ukuthi njengowesifazane uyahlukunyezwa njengoba ayichitha imizamo kaHlophe ngesikhathi efuna ukuchitha ubusuku naye.

Ngesikhathi ekhuluma nabezindaba beNewzroom Afrika uPhadi uveze ukuthi uzimisele ukulifaka enkantolo lolu daba.

Uthe ubona kuzosiza abesifazane abaning ababhekene nezinkinga zokufunwa ucansi ezindaweni abasebenza kuzona.

Uthe abesifazane kube bakwazi ukuphumela obala bakhulume uma behlangabezane nezimo ezifuze lezi.

Kubikwa ukuthi uPhadi wahlangabezana nalesi sigameko ngemuva komhlangano wobuholi ngomhla ka-4 kuNcwaba 2024 owabe useMbombela.

UPhadi uthe ufuna uHlophe amiswe ngokushesha esikhundleni sakhe kuleli qembu.

Uqhube ngokuthi akazimisele ukuzama ukwenza abantu bamkholwe ngalolu daba njegoba iqiniso lisobala futhi bukhona nobufakazi bemiyalezo bezinsolo azithwesa uHlophe.

Ezisematheni

Ubedivosa nomyeni uthisha odutshulwe wabulawa yisoka

Ubedivosa nomyeni uthisha odutshulwe wabulawa yisoka

Kubikwa ukuthi ubeseqale izinhlelo zokwehlukanisa umshado wakhe uthisha odutshulwe wabulawa yisoka lakhe elisha, esigamekweni ese- nzeke ngoLwesibili KwaMachi, eHarding. ILANGA lithole ukuthi uMnu Mthobisi Ndlovu (30), oshayela amatekisi, udubule wabulala intombi...

Bazokhumbula iNdidane abeMpucuzeko

Bazokhumbula iNdidane abeMpucuzeko

IZOKWENZA konke okusemandleni ukuvuselela amagalelo owayeyisilomo sikamaskandi uMtshengiseni “iNdi- dane” Gcwensa (ongasekho), iMpucuzeko Maskandi Festival. Lokhu kuvezwe ngumhleli wayo uMnu Xolani Mcineka ngoLwesibili ebusuku eKZN Music House, eThekwini, kwethulwa...

Umlingisi nesithangami sabesifazane eMthwalume

Umlingisi nesithangami sabesifazane eMthwalume

INKAKHA yomlingisi uBaby Cele uhlose ukufukula intsha nabesifazane emncintiswaneni we-netball obizwa ngeBaby Cele's Royal Beach Netball Cup ozoba soThuthwini, eMthwalume mhla ka 09 August, ngeSonto. Lo mlingisi uthi umdlalo we-netball ukhule ewuthanda nakuba engazange...