Ilanga News
Home 9 Featured 9 Ugwetshwe kanzima owabulala izintombi zakhe ezimbili

Ugwetshwe kanzima owabulala izintombi zakhe ezimbili

by | 31 January 2025

UGWETSHWE ukuchitha impilo yakhe yonke ejele newu-30 ngaphezulu ebhadla ejele owesilisa olahlwe ngamacala amabili okubulala izintombi zakhe.

INkantolo ePhakeme yaseMthatha ilahle uBongile Makhunga (32) ngala macala.

Ngokombiko uMakhunga wabulala intombi yakhe uZinhle Cebani owabe engumfundi eNgwe eTVET College ngoJuly wonyaka owedlule.

Ngaphambi kwalesi sigameko wayengaphandle ngoshwele ngemuva kokuba ebulale enye intombi yakhe ngo-2016 wagwetshwa iminyaka ewu-15 ngaleli cala.

Kubikwa ukuthi ngobusuku abulala ngalo uZinhle, uMakhunga wamfonela ecela ukuchitha ubusuku naye.

Ngokusho kokhulumela uphiko lwezokushushia e-Eastern Cape uLuxolo Tyali uZinhle wanqaba ukuzochitha ubusuku noMakhunga ngenxa yokuthi wayenomsebenzi wesikole okwakumele awuqedele.

“Le mpendulo yamnenga kakhulu uMakhunga njengoba anikela lapho kuhlala khona abafundi eBadibanise KwaBhaca okwakuhlala khona uZihle. Wafike wacela ukukhuluma naye,” kuchaza uTyali.

Uqhuba ngokuthi wathi ephuma uZinhle, uMakhunga wamhlasela ngocelemba ngaphambi kokuthi acele empunzini. “Ngesikhathi ebaleka uMakhunga wahlangana nomshayeli wemoto owabe engaphandle elahla udoti.

Wabe esemhlasela ngaphambi kokuthi adune imoto yakhe,” echaza.

Uveza ukuthi ngaphakathi emotweni wafica unina walo mshayeli wemoto wabe esemphoqa ukuthi aphume imoto ihamba.

“Ngesikhathi ematasa ezama ukuphoqa lona wesifazane ukuba aphume imoto ihamba, wahluleka wukuyilawula yayoshayisa wabe esevalela ngaphakathi kuyona kwaze kwafika amaphoyisa. Wabe esekhalelwa ngamasongo kaSgonyela,” kusho uTyali.

Imgweba inkantolo imgixabeze ngokuthi achithe impilo yakhe yonke ejele ngamacala okubulala, yengeza ngawu-15 ngokubamba inkunzi ehlomile, neminye ewu-12 ngokuzama ukubulala, emithathu yokushayela budedengu nokubeka impilo yabanye engcupheni neminye emithathu ngokushayela ngaphandle kwezincwadi ezisemthethweni zokushayela imoto.

Ezisematheni

Kuphelile ukuqagela ngekusasa likaNdlozi kwipolitiki yaseMzansi

Kuphelile ukuqagela ngekusasa likaNdlozi kwipolitiki yaseMzansi

UPHUMELE obala okokuqala ngemuva kwezinkulumo ezike zasabalala ngaye uDkt Mbuyiseni Ndlozi ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ze-SABC ngeSonto. UNdlozi udalule usethathe isinqumo sokuhoxa kwipolitiki yamaqembu kodwa usaqhubeka nokusebenzela umphakathi kodwa ngendlela...

Umndeni kaSosayensi ucela ahlonishwe ngomngcwabo kahulumeni

Umndeni kaSosayensi ucela ahlonishwe ngomngcwabo kahulumeni

UMNDENI kaSosayensi waKwaNongoma, uNkz Senamile Masango, usubhalele uMongameli uMnu Cyril Ramaphosa incwadi ucela ukuba ahlonishwe ngomngcwabo kahulumeni wesigaba sesibili. Umndeni waKwaMasango uthi likhulu iqhaza elibanjwe yindodakazi yabo emkhakheni wezemfundo...

Amazwi enduduzo kudlula okewaba nguMengameli waseNamibia

Amazwi enduduzo kudlula okewaba nguMengameli waseNamibia

UCHAZWE njengom-Afrika obethanda izwe lakhe uDkt Sam Shafishuna Nujoma, owaba nguMengameli wokuqala wezwe laseNamibia ngemuva kwenkululeko yalo ngomhlaka 21 kuMarch wango 1990. Udlule emhlabeni esesibhedlela eWindhoek ngoMgqibelo ebusuku. Wakhethwa waba nguMengameli...