Ilanga News
Home 9 Featured 9 Ugwetshwe kanzima owabulala izintombi zakhe ezimbili

Ugwetshwe kanzima owabulala izintombi zakhe ezimbili

by | 31 January 2025

UGWETSHWE ukuchitha impilo yakhe yonke ejele newu-30 ngaphezulu ebhadla ejele owesilisa olahlwe ngamacala amabili okubulala izintombi zakhe.

INkantolo ePhakeme yaseMthatha ilahle uBongile Makhunga (32) ngala macala.

Ngokombiko uMakhunga wabulala intombi yakhe uZinhle Cebani owabe engumfundi eNgwe eTVET College ngoJuly wonyaka owedlule.

Ngaphambi kwalesi sigameko wayengaphandle ngoshwele ngemuva kokuba ebulale enye intombi yakhe ngo-2016 wagwetshwa iminyaka ewu-15 ngaleli cala.

Kubikwa ukuthi ngobusuku abulala ngalo uZinhle, uMakhunga wamfonela ecela ukuchitha ubusuku naye.

Ngokusho kokhulumela uphiko lwezokushushia e-Eastern Cape uLuxolo Tyali uZinhle wanqaba ukuzochitha ubusuku noMakhunga ngenxa yokuthi wayenomsebenzi wesikole okwakumele awuqedele.

“Le mpendulo yamnenga kakhulu uMakhunga njengoba anikela lapho kuhlala khona abafundi eBadibanise KwaBhaca okwakuhlala khona uZihle. Wafike wacela ukukhuluma naye,” kuchaza uTyali.

Uqhuba ngokuthi wathi ephuma uZinhle, uMakhunga wamhlasela ngocelemba ngaphambi kokuthi acele empunzini. “Ngesikhathi ebaleka uMakhunga wahlangana nomshayeli wemoto owabe engaphandle elahla udoti.

Wabe esemhlasela ngaphambi kokuthi adune imoto yakhe,” echaza.

Uveza ukuthi ngaphakathi emotweni wafica unina walo mshayeli wemoto wabe esemphoqa ukuthi aphume imoto ihamba.

“Ngesikhathi ematasa ezama ukuphoqa lona wesifazane ukuba aphume imoto ihamba, wahluleka wukuyilawula yayoshayisa wabe esevalela ngaphakathi kuyona kwaze kwafika amaphoyisa. Wabe esekhalelwa ngamasongo kaSgonyela,” kusho uTyali.

Imgweba inkantolo imgixabeze ngokuthi achithe impilo yakhe yonke ejele ngamacala okubulala, yengeza ngawu-15 ngokubamba inkunzi ehlomile, neminye ewu-12 ngokuzama ukubulala, emithathu yokushayela budedengu nokubeka impilo yabanye engcupheni neminye emithathu ngokushayela ngaphandle kwezincwadi ezisemthethweni zokushayela imoto.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...