Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kusolwa imibhikisho elwa nabokufika ‘kushiswa’ umuzi kaNgizwe

Kusolwa imibhikisho elwa nabokufika ‘kushiswa’ umuzi kaNgizwe

by | 12 May 2026

AKUPHUMANGA lutho kusha umuzi wesishoshovu somkhankaso olwisana nokuhlala kwabantu bokufika kuleli abangenazo izimvume, uNgizwe Mchunu, oseMbumbulu.

Ngokuthola kweLANGA, ngeSonto kufike izinsizwa ezintathu emzini kaNgizwe, zafica izingane, zabuza ukuthi ukhona yini. Kuthe uma zitshelwa ukuthi akekho, zahamba. Emuva kwalokho kubonakale sekusha izindlu. UNgizwe utshele ILANGA ukuthi lesi sehlakalo sivale ngehlahla.

“Ngilimele, kushe yonke into, kakusalanga lutho,” kusho uNgizwe.

Uthi kwenzeke isigameko eseGoli, kanti inkosikazi yakhe ibiseCape Town. Ebuzwa ukuthi zikhona yini akusolayo ukuthi yikhona okuholele kulesi isigameko, uthe kunzima ukuqagula.

“Ngiyaqala empilweni yami ukwehlelwa yisehlo esifana nalesi,” esho.

Abantu abaningi ezinkundleni zokuxhumana, bahlobanisa lesi isigameko nemibhikisho yokuxosha abantu bokufika kuleli. Lo muzi ungomunye wemizi kaNgizwe eseThekwini ohlala umfazi omdala uMaNxumalo.

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...