Ilanga News
Home 9 Featured 9 Owe-IFP ukhuthaze ubunye kumalungu

Owe-IFP ukhuthaze ubunye kumalungu

by | 16 March 2025

UNXUSE ukuba kuvunguze umoya wobunye nokuzwana kumalungu eqembu lakhe ngaphansi kwesiyingi saseJozini umongameli we-IFP uMnu Velenkosini Hlabisa. UMnu Hlabisa ubethula inkulumo enkonzweni yomngcwabo kaMnu Mzwandile Dlamini (36) obengunobhala we-IFPYB eMkhanyakude.

UDlamini udlule emhlabeni emuva kokungeniswa esibhedlela exinwe wukugula izinsukwana. Umufi ubengumqondisi kwelinye lamahhovisi omkhandlu kamasipala waseJozini.

UHlabisa ubehambisana nabaholi baleli bandla ezingeni likazwelonke, isifundazwe iKwaZulu-Natal kanye nasemagatsheni. Inkonzo yaomngcwabo ibibanjelwe enkundleni yezemidlalo eMamfene, eJozini. Leli qembu liqhube inkonzo ngokubambisana nebandla lamaNazaretha elidume ngokuthi elakwaShembe okuyibandla abekhonza kulona umufi.

Uhlelo lwenkonzo beluphethwe nguMnu Sthembiso Simamane ongomunye wabaholi baleli qembu eJozini kanye noMnu Xolani Ngwezi oyimeya yaseMhlathuze.

UHlabisa uthe uyazi ukuthi kunezinkulumo nokwehlukana kwemibono kumalungu aleli qembu ngaphansi kwesiyingi iJozini. “Ngicela sisebenzise lolu suku lukaMzwandile njengensika yokubuyisana nibe munye. Ngiyajabula nangokubona izinsiza zeNkatha lapha eJozini. Ngiyazi ukuthi kubuye kube nalezo zinto kodwa ngiyanxusa ukuba nibe munye. Ngilapha ngoba ngiyalazi iqiniso likaMzwandile. Angikungabazi ukuthi besizoba naye kwaNzimela, eMelmoth emkhulekweni wokubungaza ukusungulwa kweqembu. Olundi besizoba naye ngeSonto sizobungaza. Siyeza eNgwavuma sizobonga amagalelo eNkosi Mangosuthu Buthelezi owavikela iNgwavuma sekuthengiswe ngayo,” kuphetha uHlabisa.

Ezisematheni

URadebe uzofakaza egameni le-ANC kwelokufa lukaLuthuli

URadebe uzofakaza egameni le-ANC kwelokufa lukaLuthuli

KULINDELEKE ukuthi kufakaze i-ANC ecaleni eliqhubekayo lokuphenya ngokufa kweNkosi Albert Luthuli eNkantolo ePhakeme yaseMgungundlovu. UMnu Jeff Radebe ohola ithimba elichitshiyeliwe KwaZulu Natal kulindele afakaze egameni le-ANC ngoLwesibili mhla ka-22 kuNdasa...

Kugxekwe uShivhambu iMK Party yaziqhelelanisa naye

Kugxekwe uShivhambu iMK Party yaziqhelelanisa naye

UMNYANGO wezobuLungiswa eNingizimu Afrika ugxeke uNobhala Jikelele we-MK Party uMnu Floyd Shivhambu ngokuvakashela ibandla likaMfu Shepherd Bushiri i-Enlightened Christian Gathering eMalawi. UShivhambu uhambele kuleli bandla ukuzoba yingxenye yenkonzo yalo yePhasika....

Kuboshwe 10 ngokushayela bedle amponjwana eKZN

Kuboshwe 10 ngokushayela bedle amponjwana eKZN

KUBOSHWE abantu abangaphezulu kweyishumi ngokushayela bedle amanzi amponjwana kule mpelasonto yePhasika esifundazweni KwaZulu Natal. Kule mpelasonto ezokuphepha emgwaqweni yesifundazweni ibiqinisiwe ngenhloso yokunqanda izingozi ezinyantisayo ezingenzeka njengoba...