Ilanga News
Home 9 Featured 9 Owe-IFP ukhuthaze ubunye kumalungu

Owe-IFP ukhuthaze ubunye kumalungu

by | 16 March 2025

UNXUSE ukuba kuvunguze umoya wobunye nokuzwana kumalungu eqembu lakhe ngaphansi kwesiyingi saseJozini umongameli we-IFP uMnu Velenkosini Hlabisa. UMnu Hlabisa ubethula inkulumo enkonzweni yomngcwabo kaMnu Mzwandile Dlamini (36) obengunobhala we-IFPYB eMkhanyakude.

UDlamini udlule emhlabeni emuva kokungeniswa esibhedlela exinwe wukugula izinsukwana. Umufi ubengumqondisi kwelinye lamahhovisi omkhandlu kamasipala waseJozini.

UHlabisa ubehambisana nabaholi baleli bandla ezingeni likazwelonke, isifundazwe iKwaZulu-Natal kanye nasemagatsheni. Inkonzo yaomngcwabo ibibanjelwe enkundleni yezemidlalo eMamfene, eJozini. Leli qembu liqhube inkonzo ngokubambisana nebandla lamaNazaretha elidume ngokuthi elakwaShembe okuyibandla abekhonza kulona umufi.

Uhlelo lwenkonzo beluphethwe nguMnu Sthembiso Simamane ongomunye wabaholi baleli qembu eJozini kanye noMnu Xolani Ngwezi oyimeya yaseMhlathuze.

UHlabisa uthe uyazi ukuthi kunezinkulumo nokwehlukana kwemibono kumalungu aleli qembu ngaphansi kwesiyingi iJozini. “Ngicela sisebenzise lolu suku lukaMzwandile njengensika yokubuyisana nibe munye. Ngiyajabula nangokubona izinsiza zeNkatha lapha eJozini. Ngiyazi ukuthi kubuye kube nalezo zinto kodwa ngiyanxusa ukuba nibe munye. Ngilapha ngoba ngiyalazi iqiniso likaMzwandile. Angikungabazi ukuthi besizoba naye kwaNzimela, eMelmoth emkhulekweni wokubungaza ukusungulwa kweqembu. Olundi besizoba naye ngeSonto sizobungaza. Siyeza eNgwavuma sizobonga amagalelo eNkosi Mangosuthu Buthelezi owavikela iNgwavuma sekuthengiswe ngayo,” kuphetha uHlabisa.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...