Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Onina bezingane bavusa igama lomsakazi woKhozi FM owashona

Onina bezingane bavusa igama lomsakazi woKhozi FM owashona

by | 31 January 2025

BAZIMISELE ngokugcina igama lomsakazi woKhozi FM ongasekho emhlabeni, uBheka “Beekay” Mchunu, liphila onina bezingane zakhe eziyisihlanu.


ILANGA lihoshe ngemithombo yalo ukuthi onina abayisihlanu bezingane zalo msakazi – odlule emhlabeni ngonyaka owedlule -bahlanganile ngenhloso yokuqhuba elinye lamabhizinisi akhe ebelichumile, abeziphilisa ngalo ngaphambi kokungena emsakazweni.


Umthombo waleli phephandaba uveze ukuthi onina bezingane zikaBeekay bazimisele ukuqhubeka nesikole sakhe esibizwa ngeMatric Excellence esigxile ekusizeni abafundi bakamatikuletsheni abasuke bengenzanga kahle ezifundweni zabo, abasuke bezimisele ngokuthuthukisa imiphumela yabo kuleli banga.
Uthi ukuhlangana kwabo yinto abayenze ngenhloso yokuthi izingane zalo msakazi zikwazi ukuqhubeka ziphile futhi kube khona ezikuhlomulayo ngokusebenza kukayise.


“Nakuba bebengajwayelene esaphila uBeekay kodwa ukushona kwakhe kubahlanganisile, baqhamuka nokuthi kube khona abakwenzayo ukugcina igama likayise wezingane zabo liphila futhi nomsebenzi wakhe ngesikole ungashabalali,” kusho lo umthombo. Uthi nakuba bekulindeleke ukuthi kube nezinxushunxushu kodwa babe nomoya wokuzwana. UBeekay bese kuneminyaka enalesi sikole esizinze esikhungweni semfundo ephakeme iDurban University of Technology (DUT) ophikweni iML Sultan.


Lesi sikole besigxile ezifundweni okubalwa kuzo iMaths/ Maths Lit, i-Accounting, i-Economics, iBusiness Studies, i-English, iGeography, iLife Science, iPhysical Science, i-Agriculture nezinye. Omunye wonina bengane kaBeekay, uNkz Buhle Langa, ukuqinisekisile ukuthi nebala babumbene bengonina bezingane zikaBeekay futhi bazowuqhuba umsebenzi obese kuneminyaka ewenza.


Uthe yena unaso isipiliyoni somsebenzi walesi sikole kwazise uke wasebenza kusona uBeekay esadla anhlamvana. “Okunye wukuthi othisha abebefundisa esikoleni basekhona futhi bazoqhubeka nokufundisa izingane ngendlela obekuvele kusetshenzwa ngayo,” kusho uNkz Langa.


Uthi abakwenzayo bakwenzela izingane zalo msakazi. UBeekay ubengomunye wabasakazi boKhozi obenogazi kwazise ubeshayela uhlelo oluthandwayo kubalaleli balo msakazo lwangezimpelasonto lukamaskandi olusihlo sithi, ‘Sigiya Ngengoma’. Uke washayela nezinye izinhlelo kuwona lo msakazo njengoba ngaphambi kokuwujoyina wabe esakaza esiteshini somphakathi Izwi LoMzansi.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...