Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Onina bezingane bavusa igama lomsakazi woKhozi FM owashona

Onina bezingane bavusa igama lomsakazi woKhozi FM owashona

by | 31 January 2025

BAZIMISELE ngokugcina igama lomsakazi woKhozi FM ongasekho emhlabeni, uBheka “Beekay” Mchunu, liphila onina bezingane zakhe eziyisihlanu.


ILANGA lihoshe ngemithombo yalo ukuthi onina abayisihlanu bezingane zalo msakazi – odlule emhlabeni ngonyaka owedlule -bahlanganile ngenhloso yokuqhuba elinye lamabhizinisi akhe ebelichumile, abeziphilisa ngalo ngaphambi kokungena emsakazweni.


Umthombo waleli phephandaba uveze ukuthi onina bezingane zikaBeekay bazimisele ukuqhubeka nesikole sakhe esibizwa ngeMatric Excellence esigxile ekusizeni abafundi bakamatikuletsheni abasuke bengenzanga kahle ezifundweni zabo, abasuke bezimisele ngokuthuthukisa imiphumela yabo kuleli banga.
Uthi ukuhlangana kwabo yinto abayenze ngenhloso yokuthi izingane zalo msakazi zikwazi ukuqhubeka ziphile futhi kube khona ezikuhlomulayo ngokusebenza kukayise.


“Nakuba bebengajwayelene esaphila uBeekay kodwa ukushona kwakhe kubahlanganisile, baqhamuka nokuthi kube khona abakwenzayo ukugcina igama likayise wezingane zabo liphila futhi nomsebenzi wakhe ngesikole ungashabalali,” kusho lo umthombo. Uthi nakuba bekulindeleke ukuthi kube nezinxushunxushu kodwa babe nomoya wokuzwana. UBeekay bese kuneminyaka enalesi sikole esizinze esikhungweni semfundo ephakeme iDurban University of Technology (DUT) ophikweni iML Sultan.


Lesi sikole besigxile ezifundweni okubalwa kuzo iMaths/ Maths Lit, i-Accounting, i-Economics, iBusiness Studies, i-English, iGeography, iLife Science, iPhysical Science, i-Agriculture nezinye. Omunye wonina bengane kaBeekay, uNkz Buhle Langa, ukuqinisekisile ukuthi nebala babumbene bengonina bezingane zikaBeekay futhi bazowuqhuba umsebenzi obese kuneminyaka ewenza.


Uthe yena unaso isipiliyoni somsebenzi walesi sikole kwazise uke wasebenza kusona uBeekay esadla anhlamvana. “Okunye wukuthi othisha abebefundisa esikoleni basekhona futhi bazoqhubeka nokufundisa izingane ngendlela obekuvele kusetshenzwa ngayo,” kusho uNkz Langa.


Uthi abakwenzayo bakwenzela izingane zalo msakazi. UBeekay ubengomunye wabasakazi boKhozi obenogazi kwazise ubeshayela uhlelo oluthandwayo kubalaleli balo msakazo lwangezimpelasonto lukamaskandi olusihlo sithi, ‘Sigiya Ngengoma’. Uke washayela nezinye izinhlelo kuwona lo msakazo njengoba ngaphambi kokuwujoyina wabe esakaza esiteshini somphakathi Izwi LoMzansi.

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...