Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Owodumo kwiChiefs uyaxolisa ngezidakamizwa

Owodumo kwiChiefs uyaxolisa ngezidakamizwa

by | 22 September 2025

INTATHELI YELANGA

UCELA uxolo emndenini wakhe, kubalandeli nakubangani bakhe uKgaogelo Sekgota (27) ogqame egijima kwiKaizer Chiefs, ngokulingeka agcine esesebenzisa izidakamizwa.

Lo mdlali owake wagijima nakwiMoroka Swallows engasekho, nakwiStellenbosch FC, ugcine ukukhahlela ibhola esemabhukwini e-Upington City edlala kwiMotsepe Foundation Championship (MFC), kanti kuthiwa angase aphume noma yinini esikhungweni sokuhlumelelisa izimilo, iHope of Achievers Rehabilitaion Centre, esisePolokwane, lapho athola khona usizo. Usenezinyanga ezine ekulesi sikhungo.

NGUKGAOGELO Sekgota okuvela ukuthi uselinqobile idimoni lezidakamizwa, usengabuyela noma yinini enkundleni. ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Ngokubika kweSundayworld, uSekgota uvumile ukuthi imikhuba yakhe yangaphandle kwenkundla ibalimazile abasondelene naye.

“Ngiyaxolisa kakhulu kubalandeli bami, umndeni nabangani bami ngokubenzela phansi ngokuvumela ukwehlulwa yizidakamizwa. Kube yisikhathi esibi kakhulu empilweni yami, kodwa-ke ngiyajabula ngokuthola ithuba lesibili,” esho.

Uthi udlule ngaphansi kwezinhlelo ezahlukene ngesikhathi ehlunyeleliswa isimilo, emuva kwazo, kwatholakala ukuthi “usezelwe kabusha”, futhi useqatha ngokwanele ukubuyela enkundleni.

Umnikazi wesikhungo okugcinwe kusona uSekgota, uWatson Luandi, ukuqinisekisile ukuthi lo mdlali “uselehlulile idimoni”. 

Uma ephuma lapha uSekgota, uzobe elandela uLerato Chabangu wodumo kwiMameldoi Sundowns neBafana Bafana, naye obekulesi sikhungo, waphuma ngomhla ka-14 kuNcwaba (August). UChabangu ubenenkinga yokuphuza eqise, kanti uSekgota yena, phambilini kuvele ukuthi ubehlulwa wumthunzi wezinkukhu.

Ezisematheni

Kwexwayiswa abafundi bakamatikuletsheni ngokukopela

Kwexwayiswa abafundi bakamatikuletsheni ngokukopela

UVUSELELE isixwayiso sokukopela kubafundi bakamatikuletsheni uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal. NgoLwesihlanu eVukuzakhe High School eMlazi, eThekwini, bekuhlangene abazali, othishanhloko bezikole, izinyunyana zothisha nababhekelele ukubhalwa kwezivivinyo kwezemfundo...

Senyuke kakhulu isibalo sabazobhala izivivinyo zika-matric

Senyuke kakhulu isibalo sabazobhala izivivinyo zika-matric

SIPHEZULU kakhulu emlandweni wakuleli zwe isibalo sabafundi ababhalisele ukubhala izivivinyo zikamatikuletsheni kulo nyaka. Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo uNkz Siviwe Gwarube (osesithombeni) ngeSonto ethula umbiko ngezinhlelo zikazwelonke...

Iphoyisa libulale abesifazane abawu 3 lazibulala nalo

Iphoyisa libulale abesifazane abawu 3 lazibulala nalo

KUBULAWE abesifazane abathathu kwathi owesilisa walimala kanzima izolo ebusuku. Lesi sigameko senzeke endaweni yobumnandi eMlanjeni Lifestyle,eNqopheni eMtubatuba. Kakucaci ukuthi umsolwa ubangeni nalaba kodwa kuvela ukuthi omunye wabo ubeyintombi yakhe. Umsolwa...