Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Ezabagijimi 9 Ubingelele ngewini umsubathi waseKenya obeqala ukugijima kuleli

Ubingelele ngewini umsubathi waseKenya obeqala ukugijima kuleli

by | 9 August 2026

UVULE ngewini eqala ukugijima eNingizimu Afrika uDaisilah Jerono waseKenya edla umhlanganiso kwiTotalsports Women’s Race (TWR) yaseCape Town ngeSonto ngesikhathi esiwu-31:29.

Indawo yesibili ithathwe nguzakwabo uFaith Cherono owenze isikhathi esiwu-31:32 kwathi ingqwele yaseThekwini yeTWR uNeheng Khatala waseLesotho yangena isithathu, ngesikhathi esiwu-33:23.

Lo mjaho okungoweibili kwemithathu ubungenelwe ngabasubathi abawu-10 000. Umjaho wokugcina weTWR uzokuba ngeSonto elizayo eGoli. UDaisilah unqoba lo mjaho nje, ukleliswe kunombolo 7 emhlabeni kwi-21.1km ngesikhathi esiwu-1:05:21.

Ekhuluma nabezindaba ngemuva komjaho uthe: “Umjaho ubunzima kakhulu kubhilite nomoya. Ubunyuka uphinde wehle kodwa ngijabule ngokunqoba. Bengingakulindele ukunqoba. Bengizozihlola ukuthi ngiqatha kangakanani. Ngijabule nangendlela izibukeli ebezisijabulela ngayo emzileni,”

UMichael Meyer wakwaStillwater Sports esabalalisa lo mjaho uthe bayambongela uDaisilah ngokunqoba. Uthe abasubathi abebemamemile kwiTWR yanonyaka benze kahle kakhulu. Uthi kubajabulisile ukubona izinkulungwane zabasubathi besifazane zibungaza usuku lwabo ngokugijima.

Imiphumela yalo mjaho ihambe kanje, esigabeni esivulelekile:
1.Daisilah Jerono (Kenya) 31:29,
2.Faith Cherono (Kenya) 31:23,
3.Neheng Khatala (Lesotho) 33:23,
4.Olga Firsova (Australia) 36:20,
5.Marie-Tinka Olivier (South Africa) 37:25,
6.Nicole van Wyk (South Africa) 37:43,
7.Deanne Laubscher (South Africa) 38:07,
8.Lauren Jonathan (South Africa) 38:18,
9.Yandiswa Shange 38:39,
10.Mia Steytler (South Africa) 38:49.

Ezisematheni

Iphoyisa libulale abesifazane abawu 3 lazibulala nalo

Iphoyisa libulale abesifazane abawu 3 lazibulala nalo

KUBULAWE abesifazane abathathu kwathi owesilisa walimala kanzima izolo ebusuku. Lesi sigameko senzeke endaweni yobumnandi eMlanjeni Lifestyle,eNqopheni eMtubatuba. Kakucaci ukuthi umsolwa ubangeni nalaba kodwa kuvela ukuthi omunye wabo ubeyintombi yakhe. Umsolwa...

ABENGATHITWA AMABHIZINISI ABAKULELI KWIMASHI ETHEKWINI

ABENGATHITWA AMABHIZINISI ABAKULELI KWIMASHI ETHEKWINI

Thokozani Ndlovu noThandoluhle Ngubo AYANDA amalungu omphakathi amasha eThekwini ngenhloso yokuxosha abokufika abakuleli njengoba sebehlukene bemaqembu maningi. Yize amaphoyisa andisiwe ukuze alawule isimo kodwa ayahluleka ukufinyelela zonke izindawo.  Lokhu...

Uzobuyela enkantolo osolwa ngokubulala ingane

Uzobuyela enkantolo osolwa ngokubulala ingane

UZOBUYELA ngoMsombuluko eNkantolo yeMantshi yase-Atteridgeville, eGoli, unkosikazi kamfundisi (24), osolwa ngokubulala ingane enezinyanga ezine, ezalwa owesifazane odlwengulwe washiywa ehlathini wumfundisi (umyeni kamsolwa) osagcwele amathafa. Lo wesifazane uvele...