
IZINGQINAMBA abehlangabezana nazo uma elanda noma ehambisa izidumbu kwamanye amazwe kuholele ekutheni asungule inkampani yezokuvakasha usomabhizinisi uNkk Nomfundo Mcoyi-Zondo ongumnikazi wenkampani yabamngcwabi Icebolethu Group.
UNkk Mcoyi-Zondo ngeledlule wethule inkampani yezokuvakasha ebizwa ngokuthi The iTravel Group esebenza ukuhlela lonke uhambo lwezokuvakasha nezindawo zokungcebeleka ezindaweni ezahlukene kuleli naphesheya kwezilwandle. Echaza ngokusungula le nkampani, uthe ngenxa yokuthi inkampani yakhe isebenza emazweni ahlukene, ubevamise ukubhekana nezingqinamba uma kumele athuthe umndeni uyongcwaba kwesinye isifundazwe noma kwelinye izwe.
“Besikwazi ukuthatha isidumbu somuntu kwelinye izwe sisihambise ekhaya, kodwa besibanenkinga uma kumele sitholele amalungu omndeni amabhanoyi nezindawo zokulala njengoba ezinye izinkampani zezokuvakasha bezingakalungele ukusebenzisana nathi kulokhu. Yilapho sibone ukuthi uma uhlala eGoli kodwa ekhaya kuse-KZN, kuba wumsebenzi wethu ukuqinisekisa ukuthi labo ohlala nabo eGoli bayafinyelela eKZN ngesikhathi futhi banazo nezindawo abazohlala kuzona kusalungiselelwa ukuthi uyobekwa endlini yakho yokugcina, konke kuhlelwa yithina ngaphansi kwe-iTravel,” kusho uNkk Mcoyi-Zondo ekucacisa ukuthi okwenziwa i-iTravel akuhlangene nokungcwatshwa komuntu njengoba kusazoqhubeka kwenziwe Icebelethu lokho.
Uthe ngenxa yokubona igebe lokunxenxa abantu ukuba bavakashe ube eseyisabalalisa le nkampani ingagcina ngalabo abeza emngcwabeni kuphela kodwa nalabo abazimisele ngokuzishayelwa wumoya nabo bangayisebenzisa le nkampani ukuthi ibenzele konke abakudingayo uma bevakasha. “Sizobenzela konke nje okwabo wukuthi basho ukuthi bafuna ukuyaphi nokwenzani bese kuba yithina esibahlelelayo ngaphansi kwe-iTravel,” kusho yena. UNkk Mcoyi uthe uyabakhuthaza abantu ukuba bakukhuthazelele ukuvakasha njengoba kuyawuvula umqondo futhi akumbi eqolo njengoba abanye becabanga. “Ukuvakasha akusho ukuthi kumele uze uphume ngaphandle kwezwe kodwa ungakwazi ukuvakasha ezindaweni zakhona lapho KwaZulu Natal noma lapha eNingizimu Afrika,” kusho yena.
Ukwethulwa kwale nkampani kuza ngesikhathi iTheku lisingethe ingqungquthela enkulu yezokuvakasha ezwenikazi i-Afrika ebizwa ngokuthi i-Africa Travel Indaba eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre eqale ngoLwesibili ephothulwa namhlanje ngoLwesine. Le ngqungquthela ivulwe ngokusemthethweni iPhini likaMengameli wezwe uMnu Paul Mashatile, uNgqongqoshe woMnyango wezokuVakasha uNkk Patricia de Lille noNdunankulu waKwaZulu Natal uMnu Thami Ntuli. Le ngqungquthela ihanjelwe yizinkumbi zabantu ababalelwa ku-3500 abaqhamuka emazweni ahlukene.






