Ilanga News
Home 9 Featured 9 Ukunqoba kwezokuchibiyela kumnika ugqozi uNtuli

Ukunqoba kwezokuchibiyela kumnika ugqozi uNtuli

by | 22 September 2026

UKUNQOBA ezinkethweni zokuchibiyela kuMasipala waseThekwini nowaseMuziwabantu kunika ugqozi uSihlalo we-IFP KwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli (osesithombeni), ongundunankulu wesifundazwe.

UNtuli ekhuluma nabezindaba izolo ngeSonto emcimbini wokwethulwa kukasomqulu waleli qembu ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu, uthe unethemba lokuthi bazokwenza kahle kakhulu okhethweni lohulumeni basekhaya oluzoba ngomhla ka-4
kuLwezi (November) nonyaka. UNtuli uthe sesadlula isikhathi lapho i-IFP ibiyaziwa njengeqembu laseZululand kuphela.

“Ngikhuluma nawe nje, eThekwini kuwadi 99 okuyindawo esesilungwini sikwazile ukuyinqoba kanjalo naseMuziwabantu, saphinde sanqoba ngesikhathi kunezinketho zokuchibiyela. Nginethemba lokuthi naseMzumbe sizophinde senze kahle kakhulu nasoGwini lapho sibambisene khona ne-ANC, sikwazi ukunqoba amawadi,” kusho uNtuli.

Uthe obekuseqhulwini kusomqulu wabo ngo-2024 okhethweni lukazwelo- nke nezifundazwe kuzokapakela nakomasipala emazingeni aphansi kahulumeni. Uthe kuyamthokozisa ukuthi uhlelo lwesifundazwe olulwa nabokufika abangenamaphepha oluthi, “Ongangeni Ngesango Uyafohla”, luyaqhubeka nokuvuna izithelo.

Uthe bazoqinisekisa ukuthi nomasipala abazobasingatha ngemuva kwalolu khetho bazo- wuqinisa lo mkhankaso. Uqhube ngokuthi inhloso ngalolu khetho lohulumeni basekhaya wukuqinisekisa ukuvuselela umnotho wasemalokishini nasemakhaya
“Kumele sikwazi ukuvuselela umnotho wasezindaweni zasemakhaya nowasemalokishini, abantu bakwazi ukuthola amathuba emisebenzi nezindingongqangi ezimqoka ukuze umnotho usimame kulezi zindawo,” esho


UNtuli ukhuze isihlava sokubulawa kwabesifazane, wathi beyiqembu ngeke bakwamukele ukuthi kube khona ukubulawa kwabesifazane nokuhlukunyezwa kwezingane.

Ezisematheni

UseMlazi uMkhosi weLembe walo nyaka

UseMlazi uMkhosi weLembe walo nyaka

UMGUBHO waminyaka yonke wokukhumbula iSilo uShaka, umsunguli wesizwe samaZulu, useKing Zwelithini Stadium, eMlazi, kulo nyaka. Uzoba ngoLwesine, njengoba iSilo uMisuzulu kaZwelithini, sanquma ukuthi imigubho yeLembe, ibengawo umhla ka-24 kuMandulo (September), ilanga...

Kunxuswe amadoda ukulwa nokubulawa kwabesifazane

Kunxuswe amadoda ukulwa nokubulawa kwabesifazane

NGABESIFAZANE Abebeyingxenye yengqungquthela ye-IFP yokwethulwa kukasomqulu wezethembiso zokhetho. UPHAKAMISE ukuba kubizwe imbizo yamadoda ukulwa nesihlava sokubulawa kwabesifazane esidlangile kulezi zinsuku esifundazweni iGauteng, uMengameli we-IFP uMnu Velenkosini...

IMarch and March nokhukhulela ngoqo wemashi yamadoda

IMarch and March nokhukhulela ngoqo wemashi yamadoda

INHLANGANO eqhuba umkhankaso wokuxosha abokufika eNingizimu Afrika abangenamaphepha, iMarch and March imemezele ukhukhulela ngoqo wemashi yamadoda ukulwa nokuhlukunyezwa nokubulawa  kwabesifazane ezoba ngomhlaka 30 kuMandulo (September). USihlalo obambile weSA...