
UMGUBHO waminyaka yonke wokukhumbula iSilo uShaka, umsunguli wesizwe samaZulu, useKing Zwelithini Stadium, eMlazi, kulo nyaka. Uzoba ngoLwesine, njengoba iSilo uMisuzulu kaZwelithini, sanquma ukuthi imigubho yeLembe, ibengawo umhla ka-24 kuMandulo (September), ilanga okwakhothama ngalo iLembe.
Imigubho yeLembe (iSilo uShaka) beyivamise ukwenzelwa ezinkundleni zemidlalo, edolobheni KwaDukuza.
Okhulumela uMnyango wezamaSiko nobuCiko KwaZulu-Natal, uMnu S’thembiso Shangase, uthi konke sekumi ngomumo.
“ISilo uMisuzulu kaZwelithini neNdlunkulu kaZulu bazoqala edlinzeni leLembe, KwaDukuza, ngoLwesine ekuseni. Bazobe sebedlulela eMlazi, enkundleni iKing Zwelithini. ISilo neNdlunkulu bazoba sebejoyinwa ngamabutho, ongqongqoshe bakahulumeni wesifundazwe, nezikhulu zeminyango.
“ISilo, yisona esizokwethula inkulumo yosuku. Ngumgubho weLembe lona, owoSuku lwamaGugu (Heritage Day) kazwelonke useceleni,” esho.
UMgubho omkhulu woSuku lwamaGugu, uzokuba seWestern Cape, lapho uMengameli Cyril Ramaphosa ezokwethula khona inkulumo yosuku.
menzi.jele@ilanganews.co.za.







