Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Uqubule izinkulumo umbhalo kamngani yobewuhlupho emphakathini

Uqubule izinkulumo umbhalo kamngani yobewuhlupho emphakathini

by | 2 February 2025

UTHOLE ukugxekwa ngabaningi ezinkundleni zokuxhumana owesilisa obukeka esemncane obhale ekhasini lakhe le-Facebook encoma umngani wakhe osale enkundleni ngesikhathi itholene phezulu ngezulu lezandla phakathi kwakhe namaphoyisa ophiko iNational Intervention Unit (NIU).

Owesilisa owaziwa ngelikaMnqobi, amaphoyisa aKwaZulu-Nata adalule ukuthi uneminyaka ewu-22 futhi ube engumholi weqembu lezigilamkhuba ezihlalise lubhojozi umphakathi waseNanda, eThekwini ngezenzo zobugebengu. Umufi udutshulwe ngoyaba lwezinhlamvu ehamba nomngani wakhe eligcine lingakatholakali igama lakhe eMahlabathini, eVerulam ngoLwesine. Amaphoyisa abika ukuthi asebenzisane nezobunhloli athola umkhondo ngabafi abebeyolanda izidakamizwa nezinhlamvu zezibhamu eMhlanga, eThekwini okwathi uma ebamisa bangakwenza lokho kunalokho bavulela ngenhlamvu bebhekise kuwona.

Owesilisa onekhasi elibhaliswe ngokuthi Onga Sekho ufake izithombe zikamufi emnxusa ukuba abe yidlozi elihle kubona abasele. Uthe bazosala beqhubeka nomsebenzi ngoba benza isifungo. “Noma bengaphela nathi siyakhula ngoba savuma Razo sofela khona Wawa West razo yami neziyalo zakho ngeke ngikhohlwe. Engakusho nje wukuthi siyofela khona,” kusho umbhalo wale nsizwa ebukeka isencane.

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...