Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Uqubule izinkulumo umbhalo kamngani yobewuhlupho emphakathini

Uqubule izinkulumo umbhalo kamngani yobewuhlupho emphakathini

by | 2 February 2025

UTHOLE ukugxekwa ngabaningi ezinkundleni zokuxhumana owesilisa obukeka esemncane obhale ekhasini lakhe le-Facebook encoma umngani wakhe osale enkundleni ngesikhathi itholene phezulu ngezulu lezandla phakathi kwakhe namaphoyisa ophiko iNational Intervention Unit (NIU).

Owesilisa owaziwa ngelikaMnqobi, amaphoyisa aKwaZulu-Nata adalule ukuthi uneminyaka ewu-22 futhi ube engumholi weqembu lezigilamkhuba ezihlalise lubhojozi umphakathi waseNanda, eThekwini ngezenzo zobugebengu. Umufi udutshulwe ngoyaba lwezinhlamvu ehamba nomngani wakhe eligcine lingakatholakali igama lakhe eMahlabathini, eVerulam ngoLwesine. Amaphoyisa abika ukuthi asebenzisane nezobunhloli athola umkhondo ngabafi abebeyolanda izidakamizwa nezinhlamvu zezibhamu eMhlanga, eThekwini okwathi uma ebamisa bangakwenza lokho kunalokho bavulela ngenhlamvu bebhekise kuwona.

Owesilisa onekhasi elibhaliswe ngokuthi Onga Sekho ufake izithombe zikamufi emnxusa ukuba abe yidlozi elihle kubona abasele. Uthe bazosala beqhubeka nomsebenzi ngoba benza isifungo. “Noma bengaphela nathi siyakhula ngoba savuma Razo sofela khona Wawa West razo yami neziyalo zakho ngeke ngikhohlwe. Engakusho nje wukuthi siyofela khona,” kusho umbhalo wale nsizwa ebukeka isencane.

Ezisematheni

Kuboshwe owaseSwazini ngokubulawa kwabawu-6 eMlazi

Kuboshwe owaseSwazini ngokubulawa kwabawu-6 eMlazi

UKHALELWE ngamasongo kaS'gonyela umlisa odabuka eSwazini, oyanyaniswa namacala okudubula kubulawe abayisithupha kwa-V, eMlazi, eThekwini, ngomhla ka-24 kuNcwaba (August) nyakenye. UMelusi Dlamini (28) uvele kafushane eNkantolo yaseMlazi ngemuva kokuba eshaqwe...

Kukhalwa ngokwebiwa kwemfuyo iweliswe imingcele yakuleli

Kukhalwa ngokwebiwa kwemfuyo iweliswe imingcele yakuleli

BULENGELA eweni ubudlelwano bezakhamizi zamazwe amathathu ngenxa yokwanda kwezigameko zokuntshontshwa kwemfuyo okwenzeka ezindaweni ezigudle imingcele yalawa mazwe. Sekuyisikhathi eside kukhalwa ngobugebengu bokwebiwa kwezinkomo eMozambique. AbaseSwazini bona bakhala...

ICebolethu lichitha ‘eyokukhetha iphela emasini’

ICebolethu lichitha ‘eyokukhetha iphela emasini’

NGUTHEMBISA Mdoda-Nxumalo owethula uhlelo lukamabonakude, Icebo Labantu. ISIKHULU senkampani yokungcwaba, Icebolethu, uMnu Webster Chikengezha, sichitha imibiko yokuthi le nkampani yodumo ingcwaba ngokusezingeni eliphezulu imingcwabo yosaziwayo nezikhulu kuphela....