Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Izinguquko ebuholini be-ANC eKZN naseGauteng

Izinguquko ebuholini be-ANC eKZN naseGauteng

by | 21 January 2025

I-African National Congress (ANC) iveze ukuthi amalungu ayo aKwaZulu Natal naseGauteng angagculisekile ngesinqumo sokwenza izinguquko ebuholini balezi zifundazwe avumelekile ukubabela enkantolo ukudlulisa lesi sinqumo.

NgoMsombuluko uNobhala Jikelele waleli we-ANC uMnu Fikile Mbalula umemezele ukuthi isigungu esiphezulu saleli qembu sithathe isinqumo sokwenza izinguquko ebuholini balezi zifundazweni iGauteng neKZN.

Lokhu kulandela ukuthi la maqembu enze kabi okhethweni likazwelonke langonyaka owedlule lapho ngoMay.

I-ANC kulezi zifundazwe lihlulekile wukuthola amavoti angaphezulu kuka-50% njengoba KwaZulu Natal kube i-MK Party ehambe phambili ngamavoti kodwa uhulumeni uholwa uMnu Thami Ntuli we-IFP ngokuhlanganyela nayo i-ANC, DA ne-NFP kanti eGauteng nakuba yehlile kodwa ihambe phambili ngamavoti.

UMbalula uthe ukwenza izinguquko ebuholini baleli qembu ezifundazweni ngeke kuphazamise ukusebenza kukahulumeni njengoba uPanyaza esazoqhubeka nokuba nguNdunankulu waseGauteng nongqongqoshe baleli qembu bazoqhubeka kanti naseKZN ongqongqoshe balo bazoqhubeka nezikhundla zabo.

UMbalula uthe uma kunamalungu angagculisekile ngalesi sinqumo avumelekile ukubabela enkantolo.

“Uma ebabela enkantolo azobe ekhala ngani ngoba lesi yisinqumo sesigungu esiphezulu seqembu esinegunya lokuthatha izinqumo,” kuphawula uMbalula.

Uqhube ngokuthi isigungu sithathe lesi sinqumo ngokulandela umthethosisekelo weqembu kodwa ngenxa yokuthi bayiqembu elivulelekile futhi elibusa ngaphansi kwentandoyeningi amalungu avumelekile ukusebenzisa abakubona kuyilungelo lawo.

Uveze ukuthi akubanga yisinqumo esilula ukufinyelela kulesi sinqumo njengoba uke waba khona nombono wokuthi izigungu eziphezulu zalezi zifundazwe zihlakazwe kodwa kwagcina kuvunyelwana ngokuthi zingahlakazwa kodwa kwenziwe izinguquko kuzona.

Ezisematheni

Akhonzele ehholo amaNazaretha ‘axoshwe ethembelini’

Akhonzele ehholo amaNazaretha ‘axoshwe ethembelini’

KUBHUNTSHE inkonzo yokubusisa ithempeli ebihlelwe ngamaNazaretha aseKuphakameni, aholwa yiNkosi uVukile “iNcoyincoyi” Shembe, ngenxa yombango wendawo ophakathi kwalolu hlangothi nolwaseBuhleni, oluholwa yiNkosi uMduduzi “Nyazilwezulu” Shembe.  Le nkonzo obekumele ibe...

Kutholwe isidumbu solimale ‘eqhumisa imoto yemali’

Kutholwe isidumbu solimale ‘eqhumisa imoto yemali’

KUTHOLAKALE imoto nesidumbu somsolwa oyanyansiwa nesigameko sokubanjwa kwemoto yemali esigamekweni esenzeke edolobheni laseKranskorp izolo ngoMsombuluko.  Ngokombiko wamaphoyisa, le sidumbu sitholakale namuhla emgwaqweni oowubhuqu obheke eNkandla,  eduze komfula...

Ukhuthaza eyokuhlonipha abagibeli ohlabane ngowomshayeli ovelele

Ukhuthaza eyokuhlonipha abagibeli ohlabane ngowomshayeli ovelele

KUSUKELA kwesobunxele nguMnu Lindani Shandu, olale isibili, nguMnu Bongani Malimela onqobe umklomelo wokuba ngumshayeli ovelele noMnu Sithembiso Zikalala olale isithathu. AYILOKOTHI itekisi ngoMgqibelo inhlalisuthi enqobe umklomelo wokuba ngumshayeli wetekisi ovelele...