BHEKI NDLOVANA
KUBHEKWE ukuba iSouth African Reserve Bank (SARB) imemezele ukwehliswa kwenzalo yemalimboleko namhlanje ntambama.
OSomnotho baseNedbank, uMnu Johannes Khosa noNkk Nicky Weima, bathi balindele ukuba iSARB iyehlise ngo-25 basis points (0,25%) inzalo yemalimboleko.
Omunye uSomnotho waseFNB, uNkz Koketso Mano, naye uthe inzalo yemalimboleko ingehliswa ngo-25 basis points.
Ngakolunye uhlangothi, uSolwazi Bonke Dumisa, naye ongusomnotho, uthe ukholwa wukuthi bekufanele iSARB iyehlise okungenani ngo-50 basis points (0,5%).
Okuqinise amathemba okuthi izophinda yehliswe inzalo yemalimboleko namhlanje wumbiko oshicilelwe yiStats SA, oveze ukuba ngcono kwenkinga yokwehla kwamandla emali kubathengi (inflation).
Lo mbiko okhishwe ngoLwesithathu uveze obekungalindelekile ngezinga lokwehla kwamandla emali.
UMnu Risenga Maluleke oyiStatistician General eStats SA wethule umbiko oveza ukuthi izinga lokwehla kwemali ngoMfumfu (October) lifinyelele ku-2,8%, lisuka ku-3,8% NgoMandulo (September).
Okuqaphelekayo wukuthi nakuba kubikwa lokhu kuba ngcono kwezinga lokwehla kwamandla emali, kodwa abantu abaningi basakhala ngomqansa wezindleko eziphezulu zokuphila.
Kuzokhumbuleka ukuthi inkinga yokwehla kwamandla isike yabhebhetheka yaze yafinyelela cishe ku-8%.