Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Sekuvulwe amagumbi azobhekana namadoda emitholampilo

Sekuvulwe amagumbi azobhekana namadoda emitholampilo

by | 17 April 2025

UMASIPALA weTheku usuvule amagumbi okwelapha abesilisa azoba semitholampilo ngenhloso yokuwagqugquzela ukuba asondele ezikhungweni zezempilo. Lokhu kulandela umbiko woMnyango wezeMpilo owaveza ukuthi amadoda amaningi aba manqika ukuvakashela emitholampilo, okudala ukuthi aqhamuke nokugula sekwedlule isikhathi.

UMasipala weTheku ngokubambisana noMnyango wezeMpilo ukuvala leli gebe ube sewuqoka ukuba kuvulwe lamagumbi. UNkk Rosemary van Heerden ophikweni lwezempilo kumasipala uthe: “Siqale ngomtholampilo wasePinetown, ngenhloso yokushintsha imiqondo yamadoda yokuthi aye ezikhungweni zezempilo. Siqale eminyakeni emibili eyedlule kodwa ngenxa yokwanda kwesibalo sabadinga usizo olukanjena, sibe sesandisa isibalo semitholampilo enamagumbi aqondene nabesilisa ngqo, yaba yisithupha,” esho.

Le mitholampilo kamasipala iseLamontville, Pinetown, Savannah Park, eMzamo, eMpola naseChesterville.


Uthi inhloso wukuthi basandise lesi sibalo ukubhekana nokwanda kwabantu. Lamagumbi enza konke okwejwayelekile okwenziwa emtholampilo, okubalwa kukho ukwelashwa ukugula okungatheni nezifo ezingamahlalakhona njengesifo sikashukela, umfutho wegazi ohezulu (BP) nokugula okuthinta umqondo okungaba yingcindezi.
“Izikhungo zezempilo zivuleleke kuwona wonke umuntu, Le mitholampilo ewu-6 inamagunjana aqokelwe ukusetshenziselwa abesilisa kuphela,” esho.


Uthe ukwenza amadoda akhululeke, umasipala uqeqeshe abahlengi (male nurse) abazosebenza kulamagumbi, besebenzisana nabahlengikazi asebemnkantshubomvu ukubeseka.
“Umasipala unxenxa amadoda ukuba aqale kulamagumbi uma evakashele izikhungo zezempilo uma ezizwa engaphilile noma edinga usizo lwezempilo,” esho.


Kuzokhumbuleka ukuthi ngonyaka owedlule uNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNkk Nomagugu Simelane ekhuluma emcimbini wokwethweswa konesi iziqu, wathi lo mkhamkha usabukwa kakhulu njengowabesifazane, ufisa kwande isibalo sabesilisa. “Njengoba sazi ukuthi amadoda ajwayele ukuba manqika ukuvakashela izikhungo zezempilo. Lokhu kudalwa wukwesaba, ukuzithwala, nengcindezi yamasiko. Ngenxa yalokho agcina eya ezikhungweni zezempilo isimo sesisibi sekunzima ukuzelapha, nokungadala ukuthi ashone kungenasidingo. Sinenkolelo yokuthi ukwanda konesi besilisa kuzogqugquzela abesilisa ukuba bafune usizo lwezempilo benokwazi ukuthi kunabantu abazokwazi ukubaqonda kangcono futhi babanakekele.” echaza

Ezisematheni

Ubonga i-IFP esukumele phezulu olaxaze i-ANC

Ubonga i-IFP esukumele phezulu olaxaze i-ANC

OBEHAMBA phambili ekhankasela i-ANC, uChwaite Songca osejoyine i-IFP, uthi kuqala ngaleli qembu ukuthi kuxhaswe umcimbi wakhe iSouth Beach Young Stars Tornament ahlose ngayo ukusiza intsha ukuthi ingangeni ezidakamizweni. UChwaite ukusho lokhu njengoba...

Awepolitiki anxuswe ukugcizelela eyokhetho olunokuthula

Awepolitiki anxuswe ukugcizelela eyokhetho olunokuthula

UKUVUTHWA nokubekezelelana kwipolitiki uthe yikhona okuzodala uzinzo uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamnsanqa Ntuli ngesikhathi ehlangene namaqembu epolitiki ehlukene nabengamele ukhetho i-Independent Electoral Commission (IEC), e-Archie Gumede Conference Centre,...

Ungqongqoshe ukhathazekile ngeyodlame ezikoleni

Ungqongqoshe ukhathazekile ngeyodlame ezikoleni

UNGQONGQOSHE wezeMfundo, KwaZulu-NataL, uMnu Sipho Hlomuka, uthi imumi emphinjeni idaba yokuhlukunyezwa kwabafundi ezikoleni zesifundazwe. Isigameko sakamuva, senzeke esikoleni iBukimvelo High School, eZibayeni, eHluhluwe, esifundeni uMkhanyakude. Abafundi bakaGrade...