Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Sekuvulwe amagumbi azobhekana namadoda emitholampilo

Sekuvulwe amagumbi azobhekana namadoda emitholampilo

by | 17 April 2025

UMASIPALA weTheku usuvule amagumbi okwelapha abesilisa azoba semitholampilo ngenhloso yokuwagqugquzela ukuba asondele ezikhungweni zezempilo. Lokhu kulandela umbiko woMnyango wezeMpilo owaveza ukuthi amadoda amaningi aba manqika ukuvakashela emitholampilo, okudala ukuthi aqhamuke nokugula sekwedlule isikhathi.

UMasipala weTheku ngokubambisana noMnyango wezeMpilo ukuvala leli gebe ube sewuqoka ukuba kuvulwe lamagumbi. UNkk Rosemary van Heerden ophikweni lwezempilo kumasipala uthe: “Siqale ngomtholampilo wasePinetown, ngenhloso yokushintsha imiqondo yamadoda yokuthi aye ezikhungweni zezempilo. Siqale eminyakeni emibili eyedlule kodwa ngenxa yokwanda kwesibalo sabadinga usizo olukanjena, sibe sesandisa isibalo semitholampilo enamagumbi aqondene nabesilisa ngqo, yaba yisithupha,” esho.

Le mitholampilo kamasipala iseLamontville, Pinetown, Savannah Park, eMzamo, eMpola naseChesterville.


Uthi inhloso wukuthi basandise lesi sibalo ukubhekana nokwanda kwabantu. Lamagumbi enza konke okwejwayelekile okwenziwa emtholampilo, okubalwa kukho ukwelashwa ukugula okungatheni nezifo ezingamahlalakhona njengesifo sikashukela, umfutho wegazi ohezulu (BP) nokugula okuthinta umqondo okungaba yingcindezi.
“Izikhungo zezempilo zivuleleke kuwona wonke umuntu, Le mitholampilo ewu-6 inamagunjana aqokelwe ukusetshenziselwa abesilisa kuphela,” esho.


Uthe ukwenza amadoda akhululeke, umasipala uqeqeshe abahlengi (male nurse) abazosebenza kulamagumbi, besebenzisana nabahlengikazi asebemnkantshubomvu ukubeseka.
“Umasipala unxenxa amadoda ukuba aqale kulamagumbi uma evakashele izikhungo zezempilo uma ezizwa engaphilile noma edinga usizo lwezempilo,” esho.


Kuzokhumbuleka ukuthi ngonyaka owedlule uNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNkk Nomagugu Simelane ekhuluma emcimbini wokwethweswa konesi iziqu, wathi lo mkhamkha usabukwa kakhulu njengowabesifazane, ufisa kwande isibalo sabesilisa. “Njengoba sazi ukuthi amadoda ajwayele ukuba manqika ukuvakashela izikhungo zezempilo. Lokhu kudalwa wukwesaba, ukuzithwala, nengcindezi yamasiko. Ngenxa yalokho agcina eya ezikhungweni zezempilo isimo sesisibi sekunzima ukuzelapha, nokungadala ukuthi ashone kungenasidingo. Sinenkolelo yokuthi ukwanda konesi besilisa kuzogqugquzela abesilisa ukuba bafune usizo lwezempilo benokwazi ukuthi kunabantu abazokwazi ukubaqonda kangcono futhi babanakekele.” echaza

Ezisematheni

Sivaliwe isikhala semeya eJozini

Sivaliwe isikhala semeya eJozini

NGUMNU Nkosinathi Myeni oyiMeya entsha yaseJozini. YETHEMBISA ukufuqa ngamandla izinhlelo zentuthuko yomphakathi ngaphandle kokubheka ibala lomuntu iMeya entsha kaMasipala waseJozini, egcotshwe namuhla ngoLwesihlanu. UMnu Nkosinathi Myeni ongowokudabuka eMhlekazi,...

Uhlose ukufukula intsha othenge iMandini Country Club

Uhlose ukufukula intsha othenge iMandini Country Club

UFISA ibewusizo ekuthuthukiseni abantu abasha baseMandeni indawo yakhe yokudlala igalofu, iMandeni Country Club, esizokwaziwa nge-Noble Village, uDkt Emmanuel Ngcobo, othathe izintambo zokuphatha le ndawo ngemuva kokuthengiselana yona nenkampani yephepha namahlathi...

Abebuya ukuyokhulekela umsebenzi wabangasekho amakholwa abhubhile

ABEBUYA ukuyokhulekela umsebenzi wabangasekho amakholwa abhubhe engozini eyenzeke emgwaqweni onguthelawayeka uN2 eMpangeni ngezithuba zasekuseni ngeSonto. Amalungu eNtathakusa Church In Zion ehlelwe yilo mshophi ephuma eGobandlovu, eSikhawini emzini wakwaMyeni lapho...