Okusha ngesishoshovu esibulewe

145

SKHOSIPHI MTHEMBU 

KUVELA okusha mayelana nokubulawa kukaMnu Xolani Chala (42) (osesithombeni), okusolwa ukuthi uyinyathele emsileni kwabathile ngokulwa nabaqhwaga umsebenzi kahulumeni, maqede baqashane bodwa eCornubia, eThekwini. Leli phephandaba lithole ngemithombo yalo ekuleya ndawo ukuthi uChala – obulawe ngoLwesine – ubeke wasongelwa ngokubulawa.  

ILANGA Lempelasonto libike kabanzi ngalolu daba, amalungu omphakathi aveza ukuthi  yize ingaziwa imbangela yokubulawa kwakhe, kodwa asola ukuthi kuhlobene nombhikisho asanda kuwuhlela wokulwa nabaqhwaga imisebenzi kahulumeni eqhubeka eCornubia. Kuthiwa ngemuva kombhikisho, kwaba nomhlangano – owawuhlanganisa umufi nayehlele nabo umbhikisho  nabasolwa ngokuqhwaga imisebenzi kahuluneni. 

Kubikwe ukuthi lo mhlangano kawuphelanga kahle, kwaqubuka ingxabano phakathi kwezinhlangothi zombili. Umthombo obusondelene nomufi uthe uke wathola ucingo kowesilisa owaziwayo, emtshela ukuthi kuzomele akhethe ukuthi uyiliphi. 

ILANGA liyizwile inkulumo eqoshiwe okuthiwa ngekamufi, lapho ebekhuluma khona nothile emxoxela ukuthi usatshiswa ngubani. Kule nkulumo, uzwakala ethi lo muntu uthe uyazi ukuthi benzani eCornubia, wathi uma engacacisi ukuthi ukuluphi uhlangothi, uzomhambisa nezikhukhula. 

“Thina kasingabazi ukuthi ukubulawa kukaChala kuhlobene nale nto yokulwa nabaqhwaga umsebenzi. Ngikhuluma nje, abanye ayehlele nabo umbhikisho bahlafuna bejeqeza ngoba kabazi noma bazolandela yini,” kusho umthombo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Col Robert Netshiunda, uthe kuvulwe icala lokubulala nelokuzama ukubulala, kodwa bekungakaboshwa muntu. 

skhom@ilanganews.co.za

Previous article11 November 2024
Next articleIlokishi iMbali lakhiwa kususwa abantu eduze kwedolobha