Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Selumenyezelwe uhlu lwamabhishi asesimeni esifanele “izivakashi” 

Selumenyezelwe uhlu lwamabhishi asesimeni esifanele “izivakashi” 

by | 1 November 2024

BHEKI NDLOVANA 

SELUMENYEZELWE uhlu lwamabhishi aseqophelweni elifanele futhi asesimweni esihle ukuthi izivakashi zinganethezeka khona njengoba kusondela isikhathi samaholide okuphela konyaka.   

Okuqaphelekayo wukuthi eThekwini akukho ngisho elilodwa ibhishi eliklonyeliswe yiWildlife and Environmental Society of South Africa (WESSA) ngefulegi eliluhlaza sasibhakabhaka (blue flag), eliwuphawu lokuthi sihle kakhulu isimo sebhishi. 

Ngaphambi kokuba iWESSA ikhiphe isimemezelo ngamabhishi aklonyeliswe, uMasipala weTheku uveze ukuthi unqume ukungangeni ohlelweni lweWESSA ngenxa yokuthi usaqhubeka nomsebenzi wokulungiswa kwamabhishi nengqalasizinda emuva kwezikhukhula zango-2022 ezashiya kukhalwa.  IWESSA ithi akuyona into encane ukuthola ifulegi eliluhlaza kwazise kunemibandela eqinile ehambisana nalo. Phakathi kwale mibandela kubalwa iqophelo lokuhlanzeka kwamanzi, wukufundisa ngezemvelo, indlela okufinyeleleka ngayo emabhishi nezinsiza ezitholakala kulawo mabhishi.   

Amabhishi aKwaZulu-Natal aklonyelisiwe ngefulegi eliluhlaza angaphansi kuka-Masipala iRay Nkonyeni – awu-6), uMdoni neKwaDukuza. Ngaphansi kweRay Nkonyeni awu-6 amabhishi aklonyelisiwe, yiMarina, iTrafalgar, iSouthport, uMzumbe, iRamsgate neHibberdene. Linye eMdoni, yiPennington kanti mamabili KwaDukuza okuyiBlythdale neThompson Bay. 

UDkt Vusimuzi Sibiya oyisikhulu esiphezulu seSouth Coast Tourism and Investment Enterprise (SCTIE), uthi bayaziqhenya ngokuba namabhishi amaningi aklonyeliswe KwaZulu-Natal. Uthi lokhu kuwubufakazi bokuthi balibheka njengento ebaluleke izinga lama-bhishi abo, angenye yezindawo eziheha kakhulu izivakashi, futhi aneqhaza elikhulu emnothweni wendawo. 

Ezisematheni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UYAZIHLANGULA uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli, ukuthi ubenolwazi ngabantu bokufika eNingizimu Afrika asebehlale ngaphambi kwamahhovisi oMnyango wezaseKhaya emgwaqweni uChe Guevara eThekwini izinyanga ezine. UNtuli ubeyohlola ngala bantu asebakhe...