UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli usememezele uSeptember (Mandulo) njengenyanga yokukhuculula izifunda esebenzisana namaphoyisa ngaphansi komkhankaso othi ‘Engangeni ngesango iyafohla’ okuhloswe ngawo ukuxosha abokufika eNingizimu Afrika abangenamaphepha.

Umkhankaso wezifunda kaNdunankulu ujikeleze izifunda eziningi kwaZulu-Natal ukuqinisa ezokuphepha emingceleni yakuleli nokuqinisekisa ukuthi kulandelwa umthetho.
Lokhu uthe ukwenza ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi kulandelwa umthetho ukuze kuqinisekiswe ukuphepha komphakathi.
Ngesikhathi undunankulu ematasa nalo mkhankaso, kuboshwe abantu abangu-29 ngokuba kulesi sifundazwe ngokungemthetho, kwathi amanye amabhizinisi avalwa ngokungalandeli imithetho nemigomo yokuqasha abokufika kuleli.
UNtuli ugcizelele ukuthi lo mkhankaso wokukhuculula uzoqhubeka kuze kuphele uSeptember ukuqinisekisa ukuphepha komphakathi nokuthi abasebenza kulesi sifundazwe balandela umthetho.







