Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kuboshwe abangu-29 uNdunankulu ekhuculula isifundazwe

Kuboshwe abangu-29 uNdunankulu ekhuculula isifundazwe

by | 1 September 2026

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli usememezele uSeptember (Mandulo) njengenyanga yokukhuculula izifunda esebenzisana namaphoyisa ngaphansi komkhankaso othi ‘Engangeni ngesango iyafohla’ okuhloswe ngawo ukuxosha abokufika eNingizimu Afrika abangenamaphepha.

Umkhankaso wezifunda kaNdunankulu ujikeleze izifunda eziningi kwaZulu-Natal ukuqinisa ezokuphepha emingceleni yakuleli nokuqinisekisa ukuthi kulandelwa umthetho.

Lokhu uthe ukwenza ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi kulandelwa umthetho ukuze kuqinisekiswe ukuphepha komphakathi.

Ngesikhathi undunankulu ematasa nalo mkhankaso, kuboshwe abantu abangu-29 ngokuba kulesi sifundazwe ngokungemthetho, kwathi amanye amabhizinisi avalwa ngokungalandeli imithetho nemigomo yokuqasha abokufika kuleli.

UNtuli ugcizelele ukuthi lo mkhankaso wokukhuculula uzoqhubeka kuze kuphele uSeptember ukuqinisekisa ukuphepha komphakathi nokuthi abasebenza kulesi sifundazwe balandela umthetho.

Ezisematheni

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...