Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Kuvundululwa othisha abayizipoki

Kuvundululwa othisha abayizipoki

by | 24 August 2025


BAZOHLALA obala othisha “abayizipoki”, abaxhaphaza imali kahulumeni njengoba uMnyango wezeMfundo eyisiSekelo, uphezu kohlelo lokuqinisekisa ukuthi bonke othisha abaholelwa wumnyango, bakhona ngempela.

Lolu hlelo lwethulwa ngenhloso yokuba kuqedwe izipoki, okusolwa ukuthi zitamuza imali kahulumeni, kanti othisha bazohlolwa kuzona zonke izifundazwe. Ukuqinisekisa ukuthi ukhona ngempela uthisha oqashiwe, kuzofanele aziveze, abonakale.

Lolu hlelo luzocacisa ukuthi bangakanani othisha abayizipoki abaholelwa wuhulumeni, futhi luzoveza ukuthi ingakanani imali kahulumeni esichithiwe noma echithwayo, kuholelwa lezo zipoki.

NgoLwesihlanu wesonto eledlule, umkhandlu obizwa nge-Education Labour Relations Council (ELRC), umemezele ukuthi ujutshwe wumnyango wezemfundo eyisisekelo kuzwelonke nakuzo zonke izifundazwe, kanye nezinyunyana zothisha ukwenza lo msebenzi.

Uthi ujutshwe nokuba uphenye ngezinsolo zokudayiswa kwezikhundla zothisha, okuyinto esekunesikhathi eside kukhulunywa ngayo. Lo mkhandlu uhlawumbisele ukuthi uhlelo lokuqinisekiswa kwamagama othisha nabafundi, luzophothulwa ekupheleni kukaMfumfu (October) nonyaka.

Lolu hlelo lwamukelwe yikomidi lasephalamende eliqondene nomnyango wezezisebenzi zikahulumeni nokuphatha.

UMnu Jan de Villiers, ongusihlalo waleli komidi, uthi indaba yezipoki ezidla imali kahulumeni ngeke izitshwe. Uthi beyikomidi umkhuba onjengalona bawuthatha njengento eyenza umphakathi ulahlekelwe yithemba (kuhulumeni).

Uthe izisebenzi eziyizipoki, zingenye indlela ecace bha yokudliwa kwemali kahulumeni, futhi kumele isukunyelwe phezulu ukuze umphakathi ubuyelwe yithemba kuhulumeni. Uthe ngeke bakwemukele ukubambezeleka okungenasidingo kwalolu hlelo.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...