Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Senyuselwe kuLevel 6 isexwayiso ngezimvula ezinamandla eKZN

Senyuselwe kuLevel 6 isexwayiso ngezimvula ezinamandla eKZN

by | 12 March 2025

IZANGOMA zezulu zakwaSouth African Weather Service sezisenyusele kuLevel 6 isexwayiso sezimvula ezinamandla ezingxenyeni eziseningizimu-mpumalanga yeKwaZulu-Natal.

Phambilini lesi sexwayiso besibekwe kuLevel 2. Kuthiwa lezi zimvula zidalwa wumsinga obandayo (cold front) okulindelwe ukuba ugadle kulesi sifudazwe. Kulindelwe izimvula ezinamandla namuhla ngoLwesithathu ntambama kuze kube wuLwesihlanu.

Izindawo okubhekwe ukuba zikhahlamezeke kakhulu yiseThekwini, KwaDukuza, eMkhambathini, eNdwedwe, eRay Nkonyeni, kuMasipala uMdoni, eMuziwabantu naseMzumbe.

Kwexwayiswa abantu ngokuthi lezi zimvula zingadala izikhukhula, ikakhulu ezindaweni eziyimijondolo nalezo eziseduze kwemifula. Kwexwayiswa nabashayeli ukucophelela emigwaqweni.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...