Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Senyuselwe kuLevel 6 isexwayiso ngezimvula ezinamandla eKZN

Senyuselwe kuLevel 6 isexwayiso ngezimvula ezinamandla eKZN

by | 12 March 2025

IZANGOMA zezulu zakwaSouth African Weather Service sezisenyusele kuLevel 6 isexwayiso sezimvula ezinamandla ezingxenyeni eziseningizimu-mpumalanga yeKwaZulu-Natal.

Phambilini lesi sexwayiso besibekwe kuLevel 2. Kuthiwa lezi zimvula zidalwa wumsinga obandayo (cold front) okulindelwe ukuba ugadle kulesi sifudazwe. Kulindelwe izimvula ezinamandla namuhla ngoLwesithathu ntambama kuze kube wuLwesihlanu.

Izindawo okubhekwe ukuba zikhahlamezeke kakhulu yiseThekwini, KwaDukuza, eMkhambathini, eNdwedwe, eRay Nkonyeni, kuMasipala uMdoni, eMuziwabantu naseMzumbe.

Kwexwayiswa abantu ngokuthi lezi zimvula zingadala izikhukhula, ikakhulu ezindaweni eziyimijondolo nalezo eziseduze kwemifula. Kwexwayiswa nabashayeli ukucophelela emigwaqweni.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...