Ilanga News
Home 9 Featured 9 Sichithiwe isicelo seThales noZuma eNkantolo eNkulu eMgungundlovu

Sichithiwe isicelo seThales noZuma eNkantolo eNkulu eMgungundlovu

by | 3 June 2025

SICHITHIWE isicelo senkampani yezikhali yaseFrance, iThales, kanye nowayenguMengameli wezwe uMnu Jacob Zuma, ebebefuna ukuba ahoxiswe amacala ababhekene nawo eNkantolo eNkulu eMgungundlovu.

IJaji uMnu Nkosinathi Chili ukhiphe isinqumo ngoLwesibili, wasichitha lesi sicelo seThales noZuma.

Le nkampani yafaka lesi sicelo ikhala ngokuthi ukuqhubeka kwecala ngeke kube nobulungiswa ngoba sebashona ofakazi bayo ababili abasemqoka, okunguMnu Pierre Moynot noMnu Alain Thetard, ababeyizikhulu kule nkampani.

UZuma ubefuna ukuthi uma icala leThales lihoxiswa, nelakhe lihoxiswe – wathi ngeke kwenzeke ukuba umbuso uqhubeke nokumshushisa uma ehoxiswa amacala eThales ngoba ngeke kube nobulungiswa.

IThales kanye noZuma babheke noxhaxha lwamacala abandakanya inkohlakalo, ukukhwabanisa nokushushumbiswa kwemali, athinta ithenda yezigidi yezikhali.

Leli cala kulindeleke ukuba libuyele enkantolo mhla ka-4 kuZibandlela (December) 2025, lapho kulindeleke ukuba abameli bavumelane ngezinsuku zokuqala kokuqulwa kwalo.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...