Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 Uthi ufihle induku emqubeni uKhuzani ngomcimbi weBlue Nation

Uthi ufihle induku emqubeni uKhuzani ngomcimbi weBlue Nation

by | 19 April 2026

ASEDAYISWE wonke aphela amathikithi endumezulu yomcimbi wesilomo sikamaskandi, uKhuzani “iNdlamlenze” Mpungose. Lo mcimbi obizwa ngeBlue Nation Festival ozokuba mhla ka-2 kuNhlaba (May) eCarnival City, eGoli.

UKhuzani uzobe egubha nabalandeli impumelelo yakhe kwezomculo, nokubambisana okuhle phakathi kwakhe nabalandeli, selokhu kwasungulwa uhlaka lwabalandeli bakhe olubizwa ngeBlue Nation.

Wesekwe ngabaculi abazoshiyelana inkundla, okubalwa kubona uMzukulu, uFalabo, uGatsheni, iNkosi Yamagcokama, uNtencane, uLimit, uNjoko, uJumbo, uMafikizolo, uFeza, uShenge waseHlalankosi, uNavigator, uMkhulekelwa, uMjolisi, uThandazani, uBuselaphi, uNdoni, uMfokamsezane, uJaivazimnike, uLuve, uSkweletu, uQuality Biyela, uNjabulo Langa, uMzukulu kaShafuza, uMayoghurt, uMenzi, uMlabalaba noDSD.

UKhuzani uthe ukuthengwa kwamathikithi ngokuphuthuma, kuyamethusa naye. Uthi isasasa likhulu kubantu, njengoba kwaziwa ukuthi emicimbini yakhe ufika nezimanga ezishiya abantu bengawuvali umlomo.

“Abantu bangaziphuthiseli ngoba kuningi okuhle okuzobe kwenzeka eCarnival City,” kusho uKhuzani.

Uthe asephelile amathikithi abiza u-R300, nabiza u-R250, sekusele ingcosana yabiza u-R200. Uthi lawa aphele ngokushesha, kungenxa yokuthi indawo abazohlala kuyona laba abawathengile, iseduzane kakhulu nesiteji.

“Kubukeka lawa asele nawo ezophela kulona leli sonto ngoba bayawathenga kakhulu abantu. Ngibonga abathandi bomculo abakholelwa kakhulu emculweni wami, abaziyo ukuthi engibenzela khona kuseqophelweni eliphezulu,” kusho uKhuzani.

Uthe kulo mcimbi uzocula amahora amabili agcwele, uzongena ngo-22h00, bese kuyavalwa ngo-00:00 phakathi kwamabili. Ebuzwa ngezinhlelo zemigilingwane yakhe ajwayele ukuyenza emicimbini emikhulu, okubalwa nokudlisela ngengqephu ehlukile, uthe uthukuse induku emqubeni.

“Kuningi okuhle okuzokwenzeka, okuzojabulisa abazobe bekhona emcimbini ngoba ngihlose ukuqinisa izinhlaka zabalandeli bami nokubavuselela ukuba baqhubeke njalo nokungeseka. Abantu abathenge amathikithi bazobona into yamehlo,” esho.

Ezisematheni

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

LETHWESE ihlobo! Seliqalile ukukhipha umkhovu etsheni ezindaweni eziningi. Namuhla kule ngosi sizobheka ubungozi bokungabi nawo amanzi enele emzimbeni (dehydration), okuyinto evama kakhulu esikhathini sasehlobo ngenxa yokushisa. Ngokwendalo, ongoti bathi uma ingane...

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

IYELULAMA iNkosi uSifiso kaBhekamadoda Shinga (esesithombeni), enguSihlalo weNdlu yabaHoli boMdabu, KwaZulu-Natal. INkosi uShinga yaba sengozini yemoto ngomhla ka-24 kuNhlangulana (June), ngasesikhumulweni sezindiza esidala, eThekwini. Umshayeli wemoto, owayeshayelela...

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...