SICHITHIWE isicelo sikathishanhloko wesikole samabanga amaphansi, iMpumulwane, kwaMaphumulo, sokuba iNkantolo eNkulu yaseThekwini imkhiphe phambili, ngale kokuthi aze agibele ebokisini ethule ubufakazi, ecaleni abhekene nalo lokubulawa kowayeyisikhulu samaphoyisa kaMasipala weTheku, Capt Thomas Zwelakhe Ntombela, owadutshulwa wabulawa esemzini wakhe eMlazi ngo-2023. Lo thishanhloko, okunguMnu Sithembiso Khumalo (56) ufake lesi sicelo ngomlomo wommeli wakhe uAdv Mdu Mvuna, ocele ukuthi inkantolo ichithe ubufakazi bombuso bese idedela uKhumalo ngale kokuthi ethule ubufakazi bakhe. Enza izethula zakhe, uMvuna utshele inkantolo ukuthi ukholwa wukuthi umbuso kawunabo ubufakazi obenele obuyamanisa uKhumalo necala. Uthi kabukho ubufakazi obuphathekayo obuyamanisa uKhumalo naleli cala. Uthi ubufakazi benkabi eseyagwetshwa, neyavuma icala, uMandlenkosi “Mzo” Ntombela nobuka-nkosikazi kaNtombela naye owavuma icala uNongcebo Faith Ntombela abuthembekile futhi abumfaki uKhumalo. Uthi abantu abathinteka kuleli cala uMzo, uFaith nenkabi edonsa isigwebo sikadilikajele ngecala elingahlangene naleli uKhulani Cele.
“Sizoqala ngobufakazi buka-Faith, ongufakazi wesibili wombuso. UFaith ukhombise ukungathembeki njengoba ubufakazi abethule phambi kwale nkantolo bunezingxenye ezingahambisani nakusho kwisitatimende sokuvuma icala. Lobufakazi buphinde buveze ngokusobala ukuthi kalikho iqhaza elabanjwa uKhumalo ekwakhiwe kwentulo lokubulala nasekubulaleni umufi. UFaith uphinde wakhuluma ngoshevu, kodwa abukho obufakazi obuwumbiko we-toxicology oqinisekisa ukuthi okwakusebhodleleni kwakuwushevu ngempela. Phezu kwalokho iklayenti lami liyakuchitha ukuthi lanika uFaith ushevu,” esho.
Eqhuba, ucele inkamtolo ukuba ichithe ubufakazi bukaMzo. Uthi ukholwa ukuthi uMzo, okuwuye wadubula u uzikhandele lobubufakazi ngezizathu zakhe angazazi. Uchithe ukuthi iklayenti lakhe lazama ukuphazamisa ukusebenza komthetho ngokuya ejele laseWaterval liyocela uMzo ukuba angaliyamanisi necala.
“Uma lobobufakzi buyiqiniso, kungani umbuso ungabulethanga ubufakzi obuphathekayo ubufana nombiko onohla lwamagama abantu abavakashela iziboshwa ejele noma ivideo eshuthwe amakhamera asejele. Ngicela inkantolo ilidedele iklayenti lami ngoba ngisho lingagibela ebhokisini akukho elizokuphendula ngoba icala kalilithinti,” esho.
UMshushi uAdv Krishen Shah uzichithile lezi zethulo, waatshela inkantolo ukuthi kuningi okufanele uKhumalo akuphendule.
“Ubufakazi bezingcingo obumkhomba ejele laseWaterval akabuphikisanga ngakho kumele aphendule ukuthi wayebekwa yini khona. Phezu kwalokho kubalukekile ukuthi ichaze ngezibhamu ezatholakala kuye okubalwa nesabulala umufi,” esho.
IJaji uBruce Bedderson lisichithile isicelo sikaKhumalo. Kuphoqe ukuba uKhumalo agibele ebhokisini aqale ukwethula ubufakazi bakhe. Uchazele inkantolo ukuthi uyazana noCele noMzo njengoba bengomakhelwane kwaMaphumulo. Uthi wahlangana izikhawu no-Faith lokhu ekwenza ngomyalelo kaCele.






