Ilanga News
Home 9 Featured 9 Sigxekwe nxazonke esokubulawa komholi wenhlangano yabalimi KwaZulu Natal

Sigxekwe nxazonke esokubulawa komholi wenhlangano yabalimi KwaZulu Natal

by | 29 December 2025

KUGXEKWE ukubulawa ngesihluku kukaSihlalo wenhlangano yabalimi i-African Farmers Association of South Africa (AFASA) KwaZulu Natal uMnu Mbongeni Sikhakhane odutshulwe wabulawa ngoLwesihlanu kusihlwa esendaweni yebhizinisi lakhe eSweetwaters.

Ngokwemibiko kugasele abasolwa kule ndawo akhomba izingane zakhe ngesibhamu ngaphambi kokuba zifinyelele kuyena zabe sezimdubula waphuthunyiswa esibhedlela iLife Hilton nokuyilapho umphefumulo wakhe uphumele khona.

Lesi sigame sigxekwe nxazonke njengoba uSikhakhane ebengomunye wabalimi nosomabhizinisi abebenza umehluko emphakathini.

IMeya kaMasipala waseMngeni uMnu Chris Pappas uchaze uSikhakhane njengomholi obenza okudlulele emkhakheni wezolimo.

“Ubeyithemba labalimi emphakathini,” kusho uPappas.

Umchaze njengobekubukelwa kuyena kulo mkhakha njengoba ebezinikele ekuthuthukiseni abalimi abasakhula futhi ebacathulisa.

Uveze ukuthi lo mkhakha ugqemeke ongeqiwa ntwala ngalesi sigameko.

UNgqongqoshe wezoLimo esifundazweni uNkk Thembeni kaMadlopha Mthethwa udlulise amazwi enduduzo ngokudlula kukaSikhakhane.

Uthe uSikhakhe uzokhunjulwa ngeqhaza lakhe lokuthuthukisa abantu abajwayelekile emkhakheni wezolimo nangothando lwakhe lwalo mkhakha.

IDA inxuse amaphoyisa akuleli ukuba asebenze ngokuphindiwe ukuqinisekisa ukuthi abenzi balesi sigameko babhekana nengalo yomthetho.

Leli qembu liphinde lakhuthaza ukuba kuqinisekiswe ezokuphepha nasezindaweni zasemakhaya ikakhulukazi abasemkhakheni wezolimo okuhlanganisa abalimi nezisebenzi zakhona.

UMnu Sakhile Mngadi okhulumela ezoLimo kwi-DA esifundazweni uthe bazwelana kakhulu nomndeni wakwaSikhakhane kanjalo nenhlangano abeyihola i-AFASA.

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...