Ilanga News
Home 9 Featured 9 Siyanyuka isibalo sabaqolwa ngama-App asebhange

Siyanyuka isibalo sabaqolwa ngama-App asebhange

by | 8 September 2026

YIZE ukuba ne-App yasebhange kumakhalekhukhwini kwenza impilo ibe lula, kodwa ucwaningo luveza ukuthi abantu baqolwa kakhulu kusetshenziswa yona.

Ngokocwaningo lweSouth African Risk Information Centre (SABRIC) ama-App asebhange athintekile ebugebengwini bokuntshontshelwa kwamakhasimende imali ngenxa yawo angu-89%, kwakhokhelwa abantu imali engu-70.5%.

NgokweSABRIC ibike amacala angu-110, 074 obugebengu obenzeka ngama-App asebhange ngo-2025 okwenza imali elahleke kubantu ilinganiselwe ku-R2.41 billion, isuka ku-R1.86 billion obikwe ngo-2024.

Ngokusho kocwaningo, akudingeki ukuthi izigebengu zize zingene kwi-App ukwenza ubugebengu kodwa obuningi benzeka ngenxa yayo. Ngakolunye uhlangothi akusho ukuthi uma une-App kulula ukuthi izigebengu zikuqole kodwa yiwona mgudu eziwusebenzisayo ukuqola abantu. Ezikhathini eziningi abantu baqala ukuqolwa ngaphandle kwayo i-App ngabazenza abantu abasebenzela amabhange. Uma sekungenwa kwi-App abantu bayakhohliswa bagcine sebefaka imininingwane yomuntu okumele athunyelwe imali bese beyayithumela kuqinisekiswe nenkokhelo kusetshenziswa yona i-App.

Ezisematheni

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...