YIZE ukuba ne-App yasebhange kumakhalekhukhwini kwenza impilo ibe lula, kodwa ucwaningo luveza ukuthi abantu baqolwa kakhulu kusetshenziswa yona.

Ngokocwaningo lweSouth African Risk Information Centre (SABRIC) ama-App asebhange athintekile ebugebengwini bokuntshontshelwa kwamakhasimende imali ngenxa yawo angu-89%, kwakhokhelwa abantu imali engu-70.5%.
NgokweSABRIC ibike amacala angu-110, 074 obugebengu obenzeka ngama-App asebhange ngo-2025 okwenza imali elahleke kubantu ilinganiselwe ku-R2.41 billion, isuka ku-R1.86 billion obikwe ngo-2024.
Ngokusho kocwaningo, akudingeki ukuthi izigebengu zize zingene kwi-App ukwenza ubugebengu kodwa obuningi benzeka ngenxa yayo. Ngakolunye uhlangothi akusho ukuthi uma une-App kulula ukuthi izigebengu zikuqole kodwa yiwona mgudu eziwusebenzisayo ukuqola abantu. Ezikhathini eziningi abantu baqala ukuqolwa ngaphandle kwayo i-App ngabazenza abantu abasebenzela amabhange. Uma sekungenwa kwi-App abantu bayakhohliswa bagcine sebefaka imininingwane yomuntu okumele athunyelwe imali bese beyayithumela kuqinisekiswe nenkokhelo kusetshenziswa yona i-App.







