Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 UNKK Dlamini Zuma uphawula ngokuchitha iMK Party

UNKK Dlamini Zuma uphawula ngokuchitha iMK Party

by | 3 December 2024

UNKK Nkosazana Dlamini Zuma

INTATHELI YELANGA

UMAKADEBONA we-ANC uNkk Nkosazana Dlamini Zuma uphumele ngokweshelwa iMK Party kodwa wayichayisa.

Ekhuluma neSunday Times uNkk Dlamini Zuma uthe nakuba kwammangaza ukuvumbuka kweMK Party kwezepolitiki yakuleli kodwa kwambula i-ANC izinqa ngesimo sayo njengoba amanye amalungu aleli qembu akhetha ukungayovoteli okhethweni lwangomhla ka-29 kuMay nonyaka.

Uthe wayengakulindele ukusungulwa kwaleli qembu kodwa wayenawo umcabango wokuthi kuzoba khona abazoyidikila i-ANC ngenxa yokuthi bebeziwa seliqhelile kubona.

Uqhube ngokuthi kungenzeka ukuthi ezinye zezinto eziholele kulokhu kube wukuthi bebehluleka ukulethela abantu izidingongqangi ngendlela abebefuna ngayo.

Noma bebengazithobile ngendlela abantu abebeyilindele.

UNkk Dlamini Zuma uthe baningi abantu ezindaweni ebeziyisizinda se-ANC abebengasavoti.

Ucashunwe iSunday Times ethi ukusungulwa kweMK kube yisigubhukane njengoba iququde amalungu ayo nokugcine kuholela ekutheni i-ANC ngaphansi kuka-50% okhethweni.

Uveze ukuthi i-MK yazama ukumnxenxa ayijoyine kodwa wayichitha waqoka ukuhlala kwi-ANC.

Ezisematheni

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...