Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 UNKK Dlamini Zuma uphawula ngokuchitha iMK Party

UNKK Dlamini Zuma uphawula ngokuchitha iMK Party

by | 3 December 2024

UNKK Nkosazana Dlamini Zuma

INTATHELI YELANGA

UMAKADEBONA we-ANC uNkk Nkosazana Dlamini Zuma uphumele ngokweshelwa iMK Party kodwa wayichayisa.

Ekhuluma neSunday Times uNkk Dlamini Zuma uthe nakuba kwammangaza ukuvumbuka kweMK Party kwezepolitiki yakuleli kodwa kwambula i-ANC izinqa ngesimo sayo njengoba amanye amalungu aleli qembu akhetha ukungayovoteli okhethweni lwangomhla ka-29 kuMay nonyaka.

Uthe wayengakulindele ukusungulwa kwaleli qembu kodwa wayenawo umcabango wokuthi kuzoba khona abazoyidikila i-ANC ngenxa yokuthi bebeziwa seliqhelile kubona.

Uqhube ngokuthi kungenzeka ukuthi ezinye zezinto eziholele kulokhu kube wukuthi bebehluleka ukulethela abantu izidingongqangi ngendlela abebefuna ngayo.

Noma bebengazithobile ngendlela abantu abebeyilindele.

UNkk Dlamini Zuma uthe baningi abantu ezindaweni ebeziyisizinda se-ANC abebengasavoti.

Ucashunwe iSunday Times ethi ukusungulwa kweMK kube yisigubhukane njengoba iququde amalungu ayo nokugcine kuholela ekutheni i-ANC ngaphansi kuka-50% okhethweni.

Uveze ukuthi i-MK yazama ukumnxenxa ayijoyine kodwa wayichitha waqoka ukuhlala kwi-ANC.

Ezisematheni

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

LETHWESE ihlobo! Seliqalile ukukhipha umkhovu etsheni ezindaweni eziningi. Namuhla kule ngosi sizobheka ubungozi bokungabi nawo amanzi enele emzimbeni (dehydration), okuyinto evama kakhulu esikhathini sasehlobo ngenxa yokushisa. Ngokwendalo, ongoti bathi uma ingane...

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

IYELULAMA iNkosi uSifiso kaBhekamadoda Shinga (esesithombeni), enguSihlalo weNdlu yabaHoli boMdabu, KwaZulu-Natal. INkosi uShinga yaba sengozini yemoto ngomhla ka-24 kuNhlangulana (June), ngasesikhumulweni sezindiza esidala, eThekwini. Umshayeli wemoto, owayeshayelela...

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...